Fusiliers

© Johan Boshoff

Igama

I-Fusiliers

Igama lesayensi

I-Caesionidae

Ubude

Ivame ukuba wu-30cm, kodwa ingafika naku-60cm.

Ibonakala ngani

Le nhlanzi iqumbile futhi imise okomboxo ocijile macala womabili. Emzimbeni inemigqa eya ngokuphela uma uya ngasekhanda noma emsileni. Umsila wayo umise okwebhaxa. Kuyenzeka kokunye umsila ube nemigqa ewumbala ohlukile noma amachashaza. Imvamisa umbala wale nhlanzi uyisiliva ngokuthanda ukuba luhlaza sasibhakabhaka ohambisana nemigqa ephuzi noma eluhlaza okwesibhakabhaka. Kokunye umsila uyaba mnyama.

Ulwazi olwejwayelekile

Umndeni wezinhlanzi i-Caesionidae unemikhakha emine nezinhlobo eziwu-20. Lezi zinhlanzi zihlobone nohlobo lwezinhlanzi ezaziwa ngama-snapper. Zinomlomo ocijile ophusheke phambili ezidla ngawo onoshobishobi. Lezi zinhlanzi zivame ukubonakala zihamba ziyizixuku ezindaweni ezinamatshe olwandle lapho zithola khona ukudla. Uma zizalela amaqanda ziyawasaphaza olwandle.

Zidlani

Ama-Fusilier adla onoshobishobi.

Zitholakala kuphi

Lezi zinhlanzi zitholakala olwandle ezindaweni ezinamazinga okushisa akahle nezinamazinga ashisa kakhulu.

Izinhlobo ezejwayelekile

Neon fusilier - Pterocaesio tile
Blue and gold fusilier - Caesio caerulaureu
Twinstripe fusilier - Pterocaesio marri