Cape Ground Squirrel

© Nigel J Dennis

Igama

Cape Ground Squirrel [Xerus inauris]

Ukubukeka

I-Cape Ground Squirrel yenye yenhlobo yamagundane amaningi ala eminingizimu Afrika. Ubude bayo ngama 450mm isisindo ngu 1kg. Ngenhla umbala wayo usinamoni, bese iba nomgqa emhlana nasesuswini. I-Cape Ground Squirrel inomsila omkhulu ongathi yi feni futhi onendawo ezimpisholo namhlophe. Uboya bayo buqinile.

Diet

Ukudla kwa ma Cape Ground Squirrels ikakhulukazi zimpande, lokhu zikumba ngamahlumela namazinyo angaphambili. Ukudla okuqinile zikudla ngamazinyo angaphambili ngoba abukhali. Lesilwane sithanda izithelo ezinamafutha, kodwa ehlotsheni sibano kuthanda ukudla izintuthwane.

Ukuzala

Lesilwane silungela ukuzala mangabe sesinezinyanga ezisithupha. Noma kunjalo, siqala ukuzala mangabe sesino nyaka owodwa. Masizala sizala amachwane amathandathu, isisindo sawo ngama 20g. Amachwane alesilwane azalwa angenabo uboya futhi engakwazi ukwenza lutho, lapho ke kumele anakekelwe ngumphakathi walezilwane.

Ukuhlala

Ama Cape Ground Squirrels ahlala emathafeni, nasesihlabathini esinamaqabunga. Lezilwane ziyatholakala eduze kwemifula lapho ekukhona khona ubumba.

Zihlala kuphi

Atholakala eKhalahari, nakulezi zifundazwe: Free State, Northern Cape, North West nase Southern Cape ngase Beaufort-West, eGraaff-Reinet.

Amanothi asenkambini

Lezilwane ngokubukeka sifana ncamashi ne Mountain Ground Squirrell [Xerus princeps]. Abalimi bayazibulala lezilwane kodwa ke inani lazo lisazinzile.