Buffalo Thorn

© Shem Compion

Igama

Buffalo Thorn

Igama lesiLatini

Zizphus mucronata

Incazelo

Yisihlahla esinamahlamvu amakhulu, futhi esikhula size sibeli-17 lamamitha ubude. Siyashesha ukukhula, noma kune somiso noma iqhwa. Isiqu siqinile futhi singwevu nansundu ngokombala. Umbala wezimbali usiliva futhi zitholakala phakathi kwamahlamvu amaningi. Izimbali zalesisihlahla ziqhakaza ngo Okthobha nango Apreli, izithelo zona zihluma ngo Febhuwari ukuya Agasti.
Sinameva atholakala ngambili kumagatsha, iva elilodwa liqondile, elinye libheke emuva. Isihlahla esidala siye singabinameva nhlobo. Izimbali zalesisihlahla ziheha izinambuzane, nezinyoni eziye zidle izithelo zazo. Lesihlahla sinamahlamvu acwebelezayo, yingakho ngesi Bhunu kuthwa yi-Blinkblaar.

Ukusetyenziswa

Amagatsha alesisihlahla asetshenziselwa ekuvikeleni izibaya namathuna abantu abashonile. Izinkuni zaso kwakhiwa ngazo izinsimbi sokusebenza nokubasa.
Amahlamvu, isiqu nezimpande kwenziwa ngazo umuthi, oqeda izinhlungu, futhi asizanabantu abanenkinga yokuphefumula, ukutheleleka kwesikhumba, nezinkinga zesifuba nesisu. Mangabe amahlamvu echotshoziwe angasetshenziselwa ukuthi aphelise ukopha. Ezinye Izizwe zikholelwa ekutheni lesisihlahla siyasiza ukuthi umuzi ungashawa yizulu.

Zitholakala kuphi

Atholakala e Arabia nase Kapa.

Olunye ulwazi

Lesi sihlahla saziwa ngokuthi yi-Blinkbaar Wag- ‘n bietjie, okuchaza ukuthi sinamahlamvu acwebezelayo-yima kancane. Uma uke wabanjwa yiva laso angekhe uphinde ukhone ukusuka kuso. I-Buffalo Thorn iklama indiba enkulu kuzinkolelo zabantu. AmaZulu aye athathe amagatsha alesi sihlahla uma efuna ukugodusa umphefumlo womuntu oshonele kude nekhaya. Uma kufikwa emotweni, leli gatsha libekwa esihlalweni salo lodwa, kuze kuyo fikwa lapho ekuyiwa khona. E-Botswana kukholelwa ukuthi lesi sihlahla siyamvikela umuntu ukuthi angashawa yizulu.