Black Mamba

© Roger de la Harpe

Igama

Black Mamba, Common or Black-mouthed Mamba [Dendroaspis polylepis]

Inhlobo

Reptilia

Mkhakha muni

Squamata

Mndeni muni

Elapidae

Ubude beyesifazane

2 530 mm

Ubude beyesilisa

2 330 mm

Ibonakala ngani

Imamba yinyoka enkulu eqondile, inekhanda elimise okwebhokisi namazenga abushelelezi. Umhlubulo wasemuva unsundu, ayinawo umbala omnyama. Isisu sayo simpunga okukhanyayo kwanti kwesinye isikhathi siba namachashaza amnyama. Umlomo wayo mnyama.

Zande kuphi

Zitholakala enyakatho yakuleli, kwehle eningizimu ngasezindaweni ezigudle ulwande KwaZulu-Natali. Ziyatholakala nakoSt Johns nasezindaweni ezingenhka e-Afrika ezifana neSenegal neSomalia.

Mayelana nokuzala

Imamba ibekela amaqanda ayi-12 kuya kwayi-17 ezidulini zezintuthwane. La maqanda aze achamisele emuva kwezisuku ezingama-80 kuya kwangama-90. Zikhula masishane izimamba ngoba enyonyaka nje ubude bayo busuke sebulinganiselwa emamilimitheni ayi-2000.

Ushevu

Ushevu wemamba uyingozi kakhulu ngoba ubulala ama-cell emzimben futhi umisa nenhliziyo ukushaya. Ikhipha ushevu ongamamiligremu ayi-100 kuya kwangama-400, kanti intwana encane engangamiligremu ayi-10 kuya kwayi-10 yanele ukuthi ingabulala umuntu.

Idla nhloboni yokudla

Imvamisa imamba idla izinyoni ezincane namagundwane.