Abamangalelwa Becala Lokuvukela Umbuso Bangena Enkantolo

©Dr Peter Magubane
Ngaphandle kwenkantolo.
uNelson wayengomunye wezishoshovu ezazimangalelwe kwicala Lokuvukelwa Kombuso ngo 1956 lapho izishoshovu zepolitiki ezahlukeni, kubalwa kuzo no Ruth First, Joe Slovo kanje no Joe Modise, laba bamiswa besolwa ngokuvukela umbuso bekanye nezintatheli ezazimelene nenqubo yobandlululo nabanye osopolitiki.
Abathathwe kulesisithombe ngabanye babasolwa kubalwa kubo no Robert Resha, wayeyintatheli nelunga Lophiko Lwentsha kwi African National Congress kanye no Z.K Matthews isifundiswa esinsundu. Bayangena enkantolo lapha icala belizoqulwa khona eGoli, bayamamatheka bevayiza izandla kumaphoyisa. Lokhu kwakungukushingila okumsulwa okwabonisa ubuqhawe bezishoshovu lapho bebhekene nobuso bengcindezelo kanye nokungabibikho kobulungiswa.

“Angisoze ngafaka eyami imikhuba kwabanye noma ngilandele noma iyiphi inqubo engalimaza emoyeni amanye amaqabane ami.” ~ Nelson Mandel

Mandela 100 - Mandela: A Man of Principle

U Brenda Fasi owayaziwa ngelika 'MaBrr' owayeno mculo ohlukile ekwazi nokujika noma yini ayenze iculo. Waye dume kakhulu ngokuthi adansise o...more

Mandela 100 - The Charm of Mandela

U Nelson Mandela wabuyela ekhaya emva koku phuma e jele ngo 1990. U Nelson wakhulela e 8115 e Vilakazi Street esaya jikwa kwaba indlu yombuk...more

Mandela 100 - The Fight for Freedom

uMandela wayethandwa kakhulu ngabalandeli bakhe futhi wayeyinkomba yenkululeko yabo bonke....more

Mandela 100 - The Mandela Legacy

Ngo 1991, uMandela wamukeliswa ukuba ahlonishwe njengoDokotela inyuvesi yase Witwatersrand eGoli ngokuzinikela kwakhe ezibophezela ezweni no...more