Ukwemboza

© Dr Pia Addison Wineland 2016
A vineyard with mulch on the berm.
Ukwemboza kuyindlela yokwelulela okokumboza phezu komhlabathi noma ngasendleleni yomhlabathi ongezansi komugqa okutshalwe kuwo isivini. Kungasetshenziswe noa ikuphi okwake kwaphila njengamahlamvu ngisho neyayo imivini, itiye iroyibhosi, ilala noma ngisho uqweqwe lamagilebhisi. Lendlela yenzelwa ukulawula ukukhula kokhula nokuvikela ukulalekelwa ngamanzi ngesikhathi zokwenyuka komfusi. Okunyefuthi isembozo sehlisa amazing okushisa emhkabathini nokuvikela ukuguguleka komhlabathi. Imishini yesimanje manje yokusika ukhula isiyaye ilandele umuggqa wesilimo isike kuthi, lokhu okuyimpushane obekusikiwe ikufafaze ngasendleleni yomhlabathi ongezansi komugqa okutshalwe kuwo isivini.
Isembozo esijwalwe ukusetshenziswa ilala kanye notshani obomile. Ngenxa yamanani okubiza, ivamise ukuthi isetshenziswe ifafazwe ngasendleleni yomhlabathi ongezansi komugqa okutshalwe kuwo isivini noma kwezinye izidawo ezithambile ngakwisivini. eSwartland lapho kulinywa ngokukhiqiza iwayini kuphinde kutshalwe nokolweni uthola ukuthi ilala lihlezi likhona njalo kubo, ngesinye isikhathi liyasetshenziswa ukwemboza imigqa yesivini. Abalimi bewayini bakayubakela ukusebenzisa u-sawdust njengesemboza ngoba ungehlisa amazinga e-pH yomhlabathi.
Okokwemboza kungaphinde kuhlanganiswe nomhlabathi ukuze kukhuthazwe umquba wokwake kwaphila (organic) uphinde ukhuthaze izinhlayi ezincane zemvelo ezisemhlabathini ngokuphendula kancane wandise ukukhunta kwe saprophytic, lezizinhlayiya ezincane zidla kumquba wokwake kwaphila futhi ziyalekelela ngokuhlakaza yonke imiquba. Uphinde usize ekuvimbeni ukuba ningi kwezinambuzane nezicabucabu ezinhlobonhlobo kanti futhi ucwaningo luyaveza ukuthi zincane kakhulu izinambuzane ezitholakala kwizivini okusetshenziswa isembozo kuzo.

Translated by Nokubonga Guliwe