Ukulungiswa Komhlabathi

© Louise Brodie
Before planting grapes, soil should be as even as possible to ensure that the vines is even in terms of quality and ripening.
Ukulungiswa komhlabathi kusho ukuhlakulelwa komhlabathi ngaphambi kokuba kusungulwe isivini. Akumele kuphanjaniswe nokulawulwa komhlabathi lokhu okuchaza ukugcina kahle izakhi zomhlabathi ngemuva kokusungula isivini. Ukuhlaziywa okunzulu komhlabathi kumele kwenziwe ngumxhumanisi ukuthola ukuthi umhlabathi okuleyondawo ufana kangakanani. Futhi uma kunomehluko omkhulu, Indlela yokubekela kuyo kumele yenziwe. Lokhu kungaze kusho nokuthi esikhundleni kokubekela ibhuloho elikhulu elilodwa, kuzobekwa kutshalwe amabhuloho amabili amancane esivini ukuze kufaniswe izinga lomhlabathi.
Enye yezinto ezibalulekile nenqala ngokulungiswa komhlabathi ukuwenza ukuba ulingane nokuqinisekisa ukuthi isivini naso sithela ngokulingana uma kubhekwa izinga laso nendlela esivuthwe ngaso. Ukuhlolwa komhlabathi nokuhlaziywa ngososanyensi bomhlabathi kubalulekile kakhulu, ngoba bangakwazi ukuncoma Indlela elungile yokulungiswa komhlabathi. Kumele kuqikelelwe ukuthi akulethwa ngaphezulu umhlabathi ogcwele usawoti omuningi noma olubumba, yize noma ngaso futhi lesosikhathi kumele kuphinde kususwe zonke izimpande zesivini saphambilini.
Ngesikhahi sokulungiswa komhlabathi, izinga lamakhemikhali asemhlabathini nakho kumele kubhekwe kulungiswe kubonwe ukuthi maningi noma mancane kakhulu. uSolwazi ngomhlabathi uzosebenzisa umphumela wokuhlaziya kwakhe ukuphakamisa izincomo ngamakhemikhali asemhlabathini. Lapho kunomhlabathi onezinga elikhulu likasawoti nowomile, lokho kuzomele kulungiswe ngesikhathi sokuwuhlelemba umhlabathi ngokuthelwa kwe gypsum noma gokumomwa. iGypsum ingumgubo osampushana owengezwa emhlabathini ukuze kwandiswe ukumunceka kwekhalisiyamu. Umhlabathi one esidi ungalungiswa ngokuthi kongezwe i-lime ngesikhathi sokulinganisa i-esidi esemhlabathini.

Inzuzo Yokulungiselela Umhlabathi

Inhlabathi enqwabelene kumele ususwe uma sekulungiswa umhlabathi. Indawo okuzonabela kuyo izimpande kumele ijuliswe ngokuphakamisa okwemvelo okungaphansi okuvimbele umhlabathi. Uma sekubonakele ukuthi kunokuvimbeleka ngaphansi komhlabathi (isibonelo, awanele umquba owenziwa ngokwake kwaphila noma kunokushoda kweminerali ethile), lezi izinto eziyisivimbi kodwa ezisengalungiseka ngaphambi kokufika kwesikhathi sokutshala.
Manjeke, sekungavumeleka ukuthi kulungiswe ukungalingani kwamazinga amakhemikhali abonakale ngesikhathi kuhlolwa umhlabathi. Ukulawula ukwanda kweminyundu, uma kunesidingo, kungenziwa ngaphambi kokuba kusungulwe isivini. Ukwakheka kwesimo somhlabathi nakho kungenziwa kangcono ngokwengezwa ngomquba owakhiwa ngokwake kwaphila (organic material) umquba owakhiwa ngokwakhe kwaphila uyalehlisa izinga lokusinda komhlabathi uphinde ukhuthaze izinga leminyundu namagciwane omhlabathi.

Translated by Nokubonga Guliwe