Ukugcinwa Kwekhwalithi Yamaqanda

© Chris Daly

Ukuvimbela ukuwohloka, amaqanda kufanele athuthelwe kubathengi ngokushesha. Amaqanda kufanele futhi agcinwe emazingeni okushisa angaphansi kweshumi nantathu futhi angalokothi asele elangeni noma ekamelweni elishisa kakhulu. I-Food and Agriculture Organization (i-FAO) yase-Melika iphakamisa izinyathelo ezilandelayo zokuvimbela ukuwohloka kwamaqanda:

  • Hambisa amaqanda emagumbini anomthunzi njalo angena umoya ohlanzekile ngokushesha.
  • Izindawo ezinezibandisi noma izishayisamoya zogesi zingasetshenziswa.
  • Lapho kungabikho ugesi, amaqanda angafakwa emthunzini noma ekamelweni elimnyama eligcwele amaqabunga aluhlaza ukuze kunciphise izinga lokushisa.
  • Amaqanda angase agcinwe ebhodweni elenziwe ngobumba obubanzi eligcotshwe emhlabathini kuze kube yingxenye yokuphakama kwalo. Ingaphakathi ebhodweni kufanele lihlanjelwe utshani ukuze kuvinjelwe amaqanda futhi indwangu encane kufanele ibekwe phezulu kwamaqanda ukuvumela ukunyakaza komoya. Uhlaka lomhlabathi kufanele lusakazekeze ebhodweni futhi amanzi kufanele afafazwe njalo ngosuku ukuze kuhlale kupholile. Amaqanda kufanele aphendulwe kanye ngosuku.
  • Ngaphansi kwezimo ezomile zomoya, amaqanda angase agcinwe emabhakheni ngaphakathi kwekhabethe lezinhlaka. Isithebe samanzi sigcinwa phezulu kwebhokisi,njalo kumele amasaka amanzi agxile ezinhlangothini zebhokisi.

Amaqanda Angcolile

©Chris Daly
Ukugeza kuyindlela ephumelela kakhulu futhi elula yokususa ukungcola namabala avela emagobongeni, kodwa amanzi angase aqukethe amabhaktheriya angangena egobongeni. Ngakho-ke, ukuhlanza kufanele kwenziwe kahle ngezinto ezingenasici zokuhlanza amanzi noma ngamanzi ashisayo angamashumi amathathu nashiyagalombili zingakushisa (38 degrees), ngokusho kwe-FAO. Isici lapha insipho yokuhlanza, ingabiza noma ayitholakali nokuthi amanzi ashisayo angabangela amaqanda ukuba aqhekeke. Enye indlela- ukusebenzisa izigudlo ezomile ukukhipha nokuxubha amaqanda ahlanzekile. I-FAO ikhombisa ukuthi lokhu kufanele kwenziwe ngokucophelela ukugwema ukulimala emagobongweni amaqanda.

Ukugcobisa Igobongo Ngamafutha

©Chris Daly
Amaqanda angafakwa ingubo yamakhemikhali amaminerali akhethekile, engajiyile,encane njalo engenaphunga ekunciphiseni ukulahlekelwa kwamanzi, ikakhulukazi lapho amaqanda asendaweni yokugcinwa ebanda khona izinyanga ezimbalwa noma egcinwe emazingeni okushisa angaphezu kwamashumi amabaili nanye (21 ° C ), ngokusho kwe-FAO. Lapho amaqanda kufanele amelane namazinga okushisa aphakeme, i-FAO iphakamisa ukuthi afakwe amafutha kusukela emahoreni amane ukuya kwayisithupha emva kokulala; futhi amahora ayishumi nashiyagalombili (18) kuya kwangamashumi amabili nane (14) emva kokulala uma azogcinwa ekushiseni kweze (0 ° C).

Translated by Nsika Khoza