Tsessebe

© Nigel Dennis

Igama

Tsessebe

Ibonakala Kanjani

Izinkunzi zinesisindo esiwu-140kg, kuthi ubude kusuka emahlombe zibe wu-1.2m zibe nkudlwana kunezinsikazi ezinesisindo esiwu-120kg, ubulili bobubili bunezimpondo kepha ezenkunzi zinkulu.
Uma uyibheke ngaphambili, imise okwenyanga ewucezu. Inobuso obumnyama nombala obukhwebezane emahlombe ongathi uphuphile kuthi umzimba ngenhla ube bubende.

Idla Nhloboni Yokudla

I-tsessebe idla utshani ibuye ikhethe namacembe esihlahleni. Ithanda utshani obusha, yingakho isikhathi esiningi uyithola ehlungwini idla utshani obusanda kumila.

Azalana Kanjani

Izala ngezinkathi ezithile ngonyaka. ENingizimu Afrika ivamise ukuzala ngoSepthemba noma ngo-Okhtoba izala ithole elilodwa emva kokumitha izinyanga eziyisikhombisa.
Isuke isilungele ukuzala phakathi kukaFebhuwari kuya kuMashi. Ngalesi sikhathi izinkunzi eziningi ziyakhwela.

Indlela Eziphila Ngayo

Ama-tsessebe aphila eyimihlambi yamadala nawesifazane abalelwa kwayisithupha kuya kwayishumi namathole azo. Kuthi Izinkunzi zenze umhlambi ongafika ku-30. Lokhu ukubona uma ziyophuza amanzi noma ziyodla.
Ezesifazane ezinamathole azivinjwa ndawo. Ezindaweni lapho uthola ama-tsessebe ehlangene ngobuningi, izinkunzi ziba nolaka zixoshe amaduna.

Atholakala Kuphi

Ziwumndeni owodwa nama-Wildebeest nama-Hartebeest, zibonakala ngomzimba ongalingani lapho amahlombe emakhulu ukudlula umzimba wonke.
ENingizimu Afrika, i-tsessebe itholakala ezikhotheni, ikakhulukazi eKruger National Park naseziqiwini zezifundazwe. Ayatholakala nasemapilazini.

Amaphuzu Abalulekile

Igama lesiLathini: Damaliscus Lunatus
Isisindo seyesifazane: Wu-126kg
Isindo seyesilisa: Wu-140kg
Ubude beyesifazane: Wu-170cm
Ubude beyesilisa: Wu-170cm
Isikhathi esimithayo: Izinyanga eziyishumi
Inani lamazinyane: Lilodwa
Iqala nini ukuzala: Ezinyangeni eziwu-24 kuya kweziwu-60
Isindo izalwa: Wu-11kg
Uhlobo: Artiodactyla
Umndeni: Bovidae
Ijubane egijimayo: Ngu-60km/h
Izimpondo: Wu-53cm kuya ku-47cm
Azala kanjani: Izala ithole elilodwa phakathi kukaSepthemba noNovemba emva kokumitha izinyanga eziyisishiyagalombili kuya phezulu.

Imizila Yezinyawo

Uma ziklama indawo, izinkunzi zigandaya indawo eyisikwele zikhiphe nephunga. Zihuqe ubuso bazo enhlabathini, ziwunameke ngephunga elimaka indawo nasezidulini zezintuthwane zigaqe ngamadolo.
Ubulili bobubili bumba inhlabathi ngezimpondo, ikakhulukazi emva kwemvula. Ezinyaweni, iyalikhipha leli phunga lokumaka indawo.