Day Waterlily

© Shem Compion
Day Waterlily.

Igama lesiLatini

Nymphaea Nouchali

Incazelo

Isitshalo esi-Aquatic esinamahlamvu anxazonke akuhlaniswe yi-notch engu-V. Lezi zitshalo zineziqu ezingaphansi komhlaba futhi ezisekelwe amanzi anodaka. Zinezimpande ezincane ezihlakazekile. I-rhizome (isiqu esingaphansi komhlaba) ingamasentimitha amane kuya kwamahlanu ububanzi. Inombala omnyama futhi ungathi isiyipontshi. Amahlamvu yiwo kuphela abonakala ngaphezulu. Lesitshalo singaba mhlophe, phuzi, noma phinki ngombala, futhi sivuleka mangabe kunelanga siphinde sivalake ebusuku. Sinezigcebe ezinuka kamnandi. Kunezinhlobo ezingangama-60 zalesi sitshalo, kodwa sisodwa esitholakala la eNingizimu Afrika.

Lapho ekhula khona

Ivela kumadamu namachibi emifula ehamba kancane. Ikhula kuzo zonke izifundazwe kanye nase-Kruger National Park.

Izithelo

Ngemuva kokuba zipholinethwe yizinyosi noma amabhungane, lezi zimbali ziye zibuyele ngaphansi kwamanzi lapho imbewu ivuthwa khona. Imbewu evuthiwe iyahlakazeka emanzini; bese ziyakhuphuka zihlale phezu kwamanzi isikhathi esincane, ngaphambi kokuthi zishonephansi kwamanzi, odakeni lapho zihluma khona.

Olunye ulwazi

I-Lily ngesinye sezitshalo esihlonishiwe kakhulu emhlabeni. Kuthiwa ngenkathi u-Buddha eshona, lezimbali zaqala ukuhluma kuyo yonke indawo lapho ewake wahamba khona. Ibuye ibeyimbali yezwe laseBangladesh neSri Lanka.