Cats Tail

© B. Strohbach

Igama

Cat's Grass

Igama lesiLatini

Perotis patens

Ukusetshenziswa

Ngenxa yamaqabunga ambalwa, izilwane kazejwayele ukudla lesi sitshalo. Ukuma kwembali yalesi sitshalo kuyasetshenziswa ukuyehlukanisa izinhlobo ngezinhobo. Ezindaweni eziningi i-Cat’s Grass ithathwa njengokhula, kodwa kulula ukulawula ukukhula kwayo ngokusebenzisa imishini.

Incazelo

Lesi sitshalo sikhula size sibe ngamasentimitha angama-60. Lobu tshani obukhula bube yisiqundu ngubamaqabunga angamamilimitha ayi-12 ubukhulu. Intshakaza yalobu tshani incane futhi yehlukana kabili phezulu. Isakhiwo samaqabunga simaguzuguzu futhi aluhlaza okuxubene nokuluhlaza sasibhakabhaka. Imbali ibukeka iyinhle futhi ithambile. Lolu khula izilwane azithandi ukuludla.

Indawo obukhula kuyo

Utshani i-cat’s grass buvame ukuhluma ezindaweni ezomile noma eziwugwadule. Ivame ukukhula emhlabathini ongavundile noma ogqishekile, emasimini nasezindaweni ezinamadwala eLimpopo naseKruger National Park.

Izimbali

Lobu tshani buqakaza izimbali phakathi kukaLwezi noMbaso.

Olunye ulwazi

Ukhula i-cat’s grass lwaziwa ngamagama ehlukele ngokwezinhlobo zalo. Amanye alawa magama kubalwa i-Bottlebrush Grass, Rainbow Grass ne-Purple-spike Perotis.