Cape Otter
Umthini

© Jacques Marais

Igama

Umthini [Aonyx capensi]

Ibonakala Kanjani

Umnthini u1.3m ubude ubenesindo esingu 13kg. Ngaphandle kwesisu, umphimbo, izihlathi nodebe lwangaphezulu okumhlophe umzimba wonke umbozwe uboya obunsundu. Ubhozo bahlukene ezinyaweni zangaphambili bese kuthi ezangemuva bahlangana ngase kuqaleni lonyawo bese bahlukane phambili. Kunobhozo abane izinyawo zinke. Zinemisela ewungqinsi kodwa emifishane.

Zidla Nhloboni Yokudla

Udla izinkalankala ikakhulukazi kepha uyayidla nenhlanzi, amaxoxo, izinyoni, izinambuzane, izinyoka Kanye neziye izilwane ezincane.

Mayelana Nokuzala

Izala unyaka wonke, izale eyodwa kuya kwezintathu izingane emuva kokumitha izinsuku ezingu60 ukuya kwezingu 65.

Iindlela Eziphila Ngayo

Umthini uhlakaniphile kanti uyathanda ukuzidlalela isdalo sawo ngalokhoke kuyathokozisa ukuwubukela. Uyisilwane ekunzima ukusibamba endle kanti uthanda ukuzihambela wodwa. Ezesifazane zihlezi zihamba nezingane zazo, zike zitholakala zihamba ngamaqenbu enza8.Ezesilisisa azithathinxenye ekukhuliseni izingane kanti futhi azivamisile ukuhamba nezesifazane.

Ziphila Kuphi

Ziyakwazi ukuphila emanzini asolwandle nasemifuleni kepha zitholakala sizibhukuda emanzini emifula zenzela ukususa usawoti wamanzi olwandle eboyeni bazo.

Zitholakala Kuphi

Iyatholakala ezindaweni ezingasempululanga nolwande lwase Ningizimu Afrika nasemiseleni yezimvula ngakulezo zindawo, kodwa azidumile kakhulu. Ayitholakali ezindaweni ezingase ntshonalanga yezwe.Kuqhathwa ukuthi ungabona eyodwa kumaKhilomitha amabili ngasolwandle kuthi ngase mifuleni uthole eyodwa emuva kwamakhilomitha ayishumi.