Bushwillow

© Roger de la Harpe

Igama

Large-fruited Bushwillow

Igama lesiLatini

Combretum zeyheri

Incazelo

Lesi isihlahla esiyakhula size sifike kumamitha mane ubude, futhi sikhula esihlabathini esijulile nasesihlabathini esihlangene nobumba, nezinti. Amahlamvu alesi sihlahla makhulu kakhulu mangabe eqhathaniswa nezinye izinhlobo zeCombretum.

Izimbali nezithelo

Izimbali zaso zivela ngoMandulo futhi zimbala oluhlaza saphuzi, futhi zinuka kamnandi. Ngathi lesi sihlahla siqhakaza isikhathi eside futhi, noma kabali ngonyaka, ngoba izimbali ziyabonakala nangoNhlolanja noNdasa. Izithelo zalesi sihlahla zime ngathi zinezimpiko ezine. Umbala wazo ngunsundu okhanyayo, izithelo zaso zinkulu kunazo zonke izinhlobo zama-Combretum, futhi zihlala esihlahleni noma amahlamvu sewile.

Zitholakala kuphi

Sivamile kuma-woodlands aseNingizimu Afrika nama-savannah.

Ukusetshenziswa

Isiqu sinezimpande ezingamamilimitha ambalwa futhi ukujula kwazo ngaphansi komhlaba ngama mitha amathathu ukuyosho kwamane. Lezi zimpande abesifazane baye bazivune benze ngazo amabhaskidi okuhlobisa. Emandulo, lama bhaskidi ayewashwa ngesitshalo ezithize ukuze uma kufakwa amanzi kuwo angavuzi, ngakho-ke kwakulula nokuwasebenzisa njengamapleti okudlela, nokugcina amanzi. Kule mihla asetshenziselwa ukugcina izinto noma adayiswe ukuze abantu bazenzele imali. Umklamo ngamunye utholakala ngoku sika amaphethini a-geometrical, kubaskidi, nangoku daya lezi zimpande ezi-beige ngombala onsundu noma ongwevu. Umbala onsundu wedayi wenziwa ngesiqu se-Pterocarpus angolensis, ongwevu wona wenziwa ngesiqu se-Seringa. Ngama Izimpande kubuye kwenziwe ngazo yamantombazana asanda kuthomba.
Isiqu mangabe usishisile wasibilisa, lowo mxube uwufake ezinweleni ziba sengathi ufakwe umuthi wokuziqondisa ukuthi zibukeke zizinde. Amaqabunga abuye asetshenziswe ekulapheni umkhuhlane. Abiliswa ngamanzi bese aphuzwa kathathu ngosuku. Izimpande zona zelapha isisu esibuhlungu.
Izimpande ezingangomunwe ziye ukuya kwingalo ziye zimbiwe, kususwe isikhumba sazo esinsundu bese sifakwa ebhodweni elinamanzi. Amanzi ayafudunyezwa ngokubekwa emlilweni bese umuntu elokho ephuzi inkomitshi kathathu ngosuku, aze abengcono.
Amagatsha angangeminwe kwenziwa ngawo iminsalo yezingane, ngoba akaphuki lula njengawabantu abadala. Izingane ziyezifunde ukudubula ngeminsalo nemicibisholo eyenziwe ngamagatsha alesi sihlahla. Ngoba izinkuni zalesi sihlahla zithambile kunezinkuni ezakha iminsalo yabantu abadala, azisetshenziswa makuyo zingelwa.

Olunye ulwazi

Igama lalesi sihlahla ngesiBhunu kuthiwa yi-Raasblaar, echaza lomsindo owenziwa ngamaqabunga nembewu uma kunomoya.