Burchells Zebra

© Roger de la Harpe

Igama

Burchell's Zebra [Equus burchelli]

Ukubukeka

Imigqa yalesilwane imbalwa futhi mikhulu kuneye Cape Mountain Zebra, yona enemigqa efika esiswini, futhi eminingi nasemilenzeni. Ubude bayo ngu 1.3 ukuyosho ku 1.4 wama mitha ehlombe. Isisindo sayo ngama 300 -320kg. Inamadlebe angama 160 -170mm ubude.

Ukudla

Isikhathi esiningi idla utshani obufushane. I Burchell’s Zebra ino molomo wangenhla oqinile futhi ebutha ngawo utshani.

Ukuzala

Ama Zebra akanasikhathi so kuzala, azala noma yinini onyakeni. Kodwa isikhathi masivuma, lezilwane zizala kakhulu ehlobo. Ama zebra akhulelwa izinsuku ezingama 360 -390. Ithole malizalwa isisindo salo singama 30-35kg. Amathole ayeka ukuncela mangabe esenezinyanga ezili 11.

Ukuziphatha

Ama Burchell’s Zebra zihlala ziyi mindeni emincane, inkunzi, imazi namathole azo. Izinkunzi ezingazalisi zinemihlambi yazo zodwa, lezinkunzi zineminyaka emine ukuyosho kwi 12. Imindeni yama zebra ithanda izindawo ezinamanzi amaningi notshani, lokho kwenza ukuthi imindeni eminzi ihlangane khona. Ama zebra ajwayele ukutholakala lapho kukhona khona ama Wildbeest, izilwane ezincane (antelope), kunye nezimfene.

Indawo yokuhlala

Ama zebra ahlala kwi ndawo ezinotshani obufushane, na kuma savanna woodland. Ngoba lezilwane zithanda indawo ezinamanzi, azithandi kubakude ne 12km emanzini.Futhi aziwathandi amahlathi.

Zitholakala kuphi

Akungabazeki ukuthi i zebra umndeni wama hhashi. Uningi lwalezilwane luhlala endle emininguzimu Afrika, kulezi kubalwa nama Cape Mountain Zebra. Koda i-Cape Mountain zebra itholaka e zintanbeni.

Amanothi asenkambini

I-Burchell's Zebra iyisihlobo se Quagga (engasatholakali), lezilwane zazithokala kudala (19th century), la emningizimu Afrika. Ososayensi basebenzisa DNA ye ma Burchell’s Zebra ukuze zibuyise I Quagga. Onke ama zebra anezi mpawu ezahlukile, njengoba nabantu bene zinhlavu zeminwe ezingafani. Kuthiwa ithole lihlala eduze kuka mama walo ukuze libenizimpawu ezifane ne zakhe.