Brown Headed Parrot
Upholi Okhanda Linsundu

© Nigel J Dennis
Brown Headed Parrot.

Igama

Upholi Okhanda Linsundu

Ukubukeka

Upholi onekhanda elinsundu yinyoni eluhlaza enekhanda elimpunga sakuba nsundu. Inombala ophuzi ngaphansi kwamaphiko ngaphambili, ngeshwa ubonakala uma undiza. Uhlamvu lwayo lweso luphuzi sakuba mpunga. Omakhanda ansundu anomlomo omhloshana, ubemnyama echosheni lodebe olungaphezulu. Ubungako bebala elimnyama liya ngaleyo nyoni. Abanye Omakhanda ansundu banamehlo aphuzi kodwa agqunqile, aphuzi sakuba mpunga.
Abanye banamehlo ampunga noma sebekhulile. Wonke amaphuphu angomakhanda ansundu anobumpunga obugqunqile sakuba mnyama emehlweni. Baphenduka babe nombala okhanyayo uma sebekhulile sebenonyaka owodwa ubudala. Omakhanda ansundu banombala ompunga ojika kancane ubeluhlaza entanyeni. Ukhanda linsundu unegama lesayensi elithi, cryptoxanthus, okusho ukuthi ‘ubuphuzi obufihlekile’. Kusuke kushiwo ubuphuzi obungaphansi kwephiko. Omakhanda ansundu bangopholi abancane. Bangamasentimitha ayisishiyagalolunye ubude, kuhlanganisa nomsila.

Ukudla

Badla ingxubevange yembewu, okusamantongomane, izithelo ezisanhlamvana, izimbali, izithelo nompe. Ziyawathelekela futhi amasimu ommbila nophoko, futhi zingathathwa njengohlupho kubalimi kwezinye izindawo. Ziyatholakala ziyiqoqo elifika kuma-50 lapho kunomthombo omkhulu wokudla.

Ukuzalela

Omakhanda ansundu bangathathwa njengokuthi bakhulile uma sebeneminyaka emibili ubudala, kodwa kabazaleli baze babe neminyaka emithathu kuya kwemine. Omakhanda ansundu, njengeningi lePoicephalus (oSomakhanda), kuvame ukubonakala sengathi bazalela ebusika, yize kukhona labo abazalela noma nini onyakeni. Bazalela kabili noma kathathu ngonyaka. Bavame ukuzalela amaqanda amabili bewafukamele izinsuku eningama-28. Iningi lamaphuphu omakhanda ansundu ayeka ukuncela emavikini awuayisishiyagalombili kuya kwayishumi.

Isimilo

Omakhanda ansundu bavame ukuhamba ngababili noma babe ngamaqoqwana. Babonakala bethanda izihlahla ezinde, ezinkulu. Ngokuvamile bahlala ezicongweni. Banamahloni futhi bayazifihla. Kuthukela bebonakala uma bendiza besuka esihlahleni beya kwesinye. Ngokwe-Lexicon of Parrots, omakhanda ansundu kwezinye izikhathi bandiza ndawonye nopholi baseKapa.

Batholakalaphi

Opholi abamakhanda amnyama batholakala eMpumalanga, neNingizimu Afrika. Eningizimu-mpumalanga ye-Afrika batholakala ezingxenyeni zeNingizimu Afrika, Kenya, Mozambique, Tanzania, Zimbabwe, Mali naseziqhingini zaseZanzibar nasePemba.

Igama lesiLatin

Poicephalus Cryptoxanthus