African Wild Cat
Imbodla (ikati elizihlalela endle)

© Roger de la Harpe

Igama

Imbodla (ikati elizihlalela endle)

Isingeniso

Eminyakeni eyizinkulungwane eziyisithupha edlule abahlali baseGibhithe bafuya izimbodla emizini yabo ngenhloso yokuzama ukuthiba amagundwane angangeni ezibayeni lapho babegcina khona imfuyo yabo. Kusukela kulezilwane ababezifuyile kwabe sekuzaleka amakati afuywa ekhaya. Lamakati ayevamise ukucaca izihlahla kalula echitha isikhathi esiningi lizihambela phansi ezingela, yikho okuwenza ehluke kakhulu kulamakati afuywa emakhaya.

Zidla nhloboni yokudla

Imbodla ikhonze ukudla amagundwane kodwa uma amagundwane engandile ibuye idle nezinyoni kanye nezinkalankala zasemfuleni.

Mayelana nokuzala

Izimbodla zamaduna namansikazi ziqala ukwenza izingane kusukela ngoNtulikazi kuyela kuMasingana, bese zimitha izinsuku ezingama-65. Zuvamise ukuzala kusukela kuMandulo kuyela kuNdasa. Zivamise ukukhiqize izingane ezintathu.

Indlela eziphila ngayo

Luncane ulwazi olutholakalayo ngendlela aphilangayo lamakati kanye nempatho. Ngaphandle kokuhluka kwemibala yamadlebe nemilenze emide, kulula ukuthi uliphambanise nekati lasekhaya. Nakubalehlukile kancane nekati elifuywa ekhaya kodwa angakwazi ukumithisana. Lamakati aziphilela wodwa futhi awanaso isikhathi sokumithisana kungenzeka noma yinini.

Zitholakala kuphi

Imbodla engaxubene nezinye izinhlobo itholakala ezindaweni ezisogwadule. Kuthi ezindaweni eziningi zixubene namakati afuywa emakhaya.

AmaPhuzu abalulekile

Isisindo (elesifazane): 2,6 - 5,5 kg
Isisindo (elesilisa): 3,8 - 6,4 kg
Ubude (elesifazane): 90 cm
Ubude (elesilisa): 90 cm
Isikhathi sokumitha: Izinyanga ezimbili
Inani lezingane: 2 - 5
Uhlobo: Idla inyama
Umndeni: Amakati

Izimpawu zemizila

Imizila yezinyawo zembodla zifana ncamashi nezekati elifuywa ekhaya.

Ukukhomba iKati Yasendle

I-African Wild Cat (i-Felis silvestris lybica) iyinhlobo yemvelo yase-Afrika kanye nokhokho wekati elifuywayo. Zibukeka njengezinkambu ezifu...more