White-breasted Cormorant
I-Whitebreasted Cormorant
White-breasted Cormorant.
Igama elijwayelekile
I-Whitebreasted Cormorant
Igama lesiLathini
Phalacrocorax carbo
Umndeni
I-Phalacrocoracidae
Ubude
Wu-90 cm
Atholakala kuphi
Aphila wodwa noma ngemihlambi ngasolwandle ematsheni noma eziqhingini. Ayatholakala kude nolwandle emhlabeni lapho kunamanzi amaningi khona, kanti ahlala ezihlahleni ezifile.
Inani lamachwane
Aba mathathu kuye kwamane.
Azalela kanjani
Azala amachwane ngaso sonke isikhathi sonyaka, ikakhulukazi ngo-Agasti kuya kuJanuwari, kanti eKapa asake abonakala ezala ngoMashi kuya ku-Okhthoba. Abeka amaqanda amathathu kuya kwamane noma amahlanu, amaqanda awo amhlophe noma luhlaza.
Abonakala kanjani amancane
Amancane aba mhlophe okuphaphathekile nezisu ezinkulu.
Abonakala kanjani amadala
Abonakala ngokuba makhulu, abe mhlophe ngaphansi, isifuba nangaphansi kumhlophe.
Iminingwane ebalulekile
Yizinyoni zaseNingizimu Afrika.
Zitholakala kuphi
Umhlaba wonke ne-Afrika yonke.
Ngenxa yebala lawo elimnyama, umphishamanzi ubizwa ngokuthi yigwababa asolwandle. Empeleni igama lomndeni wayo, elithi phalacrocoracidae, li...
more