White-fronted Plover
Ititihoye

Igama

Ititihoye

Igama lesayensi

Charadrius marginatus

Umndeni

Charadriidae

Ubude

Wu-9 cm

Atholakala kuphi

Atholokala ezihlabathini ngasemanzini, nasemifuleni ayabonakala ngawodwa noma ewumhlambi.

Umsindo wawo

Uma lindiza lisho kancane lithi “wit” noma “twit” noma “twirit”. Uma kunenkinga, lisholo phezulu lithi “kittup” noma lisho lidonse lithi “churr”.

Azalana kanjani

Lichamisela amachwane unyaka wonke, ikakhulukazi ngo-Agasti kuya kuSepthemba. Amaqanda ambozwa yisihlabathi ngezinsuku ezishisayo. Achamisela amabili amhlophe abe nomugqa omnyama. Afukamela izinsuku eziwu-27 kuya kweziwu-33, zifunza amachwane izinsuku eziwu-35 kuya kweziwu-38.

Libonakala kanjani elincane

Akukho okumnyama ekhanda kodwa linomugqa omhlophe emva kwentamo nomlomo ompunga onemigqa emnyama, libemhlophe ngaphansi.

Libonakala kanjani elidala

Elesilisa limnyama ngokugqamile ngemva kwamehlo namachashaza amancane amnyama emaceleni esifuba. Yizinyoni zaseNtshonalanga Kapa, ezibamhlophe ngezansi, zibe nsundu okumpunga ngenhla namehlo ansundu kuthi umlomo nezinyawo kube mnyama.

Imininingwane ejwayelekile

Yizinyoni zaseNingizimu Afrika.

Zitholakala kuphi

Ngasolwandle kepha ziyatholakala emifuleni emikhulu maphakathi nezwe.