Whale Shark
Ushaka

© Roger de la Harpe

Igama Elijwayelekile

Whale Shark

Amanye

Awekho

Igama Lesayensi

Rhincodon typus

Usayizi

ungafinyelela ku-13m

Isakhiwo Sawo

Ubonakala ngamabala amhloshana abheke ezansi nemithende empunga egudle umzimba nemigqa emithathu esobala ehamba umzimba wonke.

Olunye Ulwazi

Uhlobo lweRhincodontidae lunesuzukulwane esosodwa nolunye uhlobo olulodwa olumdibi nalo. Ushaka yiwona fishi omkhulu kunabo bonke abaphilayo kanti isisindo sawo singafinyelela kumathani awu-20. Ushaka uvamise ukubonakala uhamba wodwa kodwa kuyenzeka babe yiqoqo loshaka abayikhulu. Ushaka uhamba ezindaweni lapho ungakwazi ukuthola khona izilwanyana ozozidla. Umlomo wawo uwu-1.5m ubukhulu kanti unamazinyo abalelwa ku-300 kuya ku-350, ongawasebenzisa uma udla. Uphila ngaphansi kwengcuphe. Amaqanda awo achamseleka ngaphakathi. Ushaka ozelwe uzalwa usuphelele uwu-40 kuya ku-45cm ubude. Ungaphila iminyaka ewu-100.

Ukudla

©Roger de la Harpe
Udla ezinye izilwanyana ezincane nezasemanzini.

Ukusabalala Kwawo

Ushaka utholakala emhlabeni wonke ezindaweni ezifudumele.