Ukuvakashela iRobben Island

Uhambo Ngesikebha

©David Fleminger
Ngavakashela iRobben Island ngo 1989, njengengxenye yohambo olwalukhethekile lwesikole. Yayiseyijele elisebenzayo ngalezozinsuku, engikukhumbulayo yayindawo emnyama nendawo yokulahlwa enesithukuthezi sokuphelelwa yithemba emoyeni owusawoti. Manje iRobben Island seyilungisiwe yenziwa yayindawo yezivakashi, futhi zona kanye iziboshwa yizo eseziphethe lelizala lazo.
Lesasikebhe esasisidala esasigwedla kuloluyalulwandle olugubhazayo lubheke echwebeni elincu lesiqhingi sesabuyiselwa ngentshelelezi ezishwezelayo nentsha nceke, eyenza izivakashi zizwe zisebumnandini ukugudla ngayo. Uhambo lwesikebha lulodwa nje luyinhlabamxhwele ngokuhamba ubuka kahle i-Table Mountain nedolobha eliyigqize ezinyaweni. Ekufikeni esiqhingini, wonke umuntu uyehla esikebheni bebheke endaweni yokulindela amabhasi.
Njengomshini ozishintshayo, ibhasi libe selikuthatha likubeka ohambeni oluyindidabuchopho lijikeleza isiqhingi nxashana abakhombisi bekukhombisa izindawo ezisemqoka, okubandakanya nenkwali ye ‘lime’ lakhona uMandela nama khomrade amanye babegqoma khona izinsuku. Kwakukuwo kanye lamagebhugebhu amatshe amhlophe, lakhona iziboshwa zazidla khona isidlo sasemini qede zixoxe ngokuthi ziyoba njani izinto ezweni elisha lentando yeningi elihlelekile eNingizimu Afrika. Abaningi lemigodi yakhona yokucasha babeyibiza ‘nge kilasi lesikole’ sase Robben Island.

Ukubuka Ophengwini

©David Fleminger
Ekubuyeni kwethu ejele elikhulu, ngakujabulela ukwehla ebhasini ngingene emagumbini ejele. Umkhombisi ngamunye kuloluhambo kusuke kungungowayengumboshwa, nezinkumbulo zabo ngempilo ngaphansi kohulumeni wakudala zibaba ha. Nxashana sisahleli egumbini elihlanganisiwe, umkhombisi wethu wasizekela ngqo indino yempilo njengokuyazi kwakhe ese Robben Island.
Emva kwegumbi elihlanganisiwe, sabe sesiyiswa egcekeni lejele lakhona uMandela wayenensimu encane khona. Yilapho okwaqhamuka khona inhlabamxhwele yoqobo: uhide lwamagumbi angawodwana lakhona uMandela nabe-cala lase Rivonia babegqonywe khona. Nezithombe eseziphashile zilandelene, bese kuba yisikhashanyana sokusonga ezindlini zendle phambi kokuba ukhululwe ubuyiselwe emkhunjini. Ngesikhathi usabuyela echwebeni, ungazimela onqenqemeni lweplangwe ubuke ophengwini, kumbe uthi quh esitolo sezipho. Ngesikhathi esinqunyiwe uzobe sewukhwela umkhumbi sekubuyelwa emumva ekhaya, bese ubuke ngobuhlungu labo ababeyiziboshwa sebebuyela emsebenzini wabo ngebhasi sebeqala uhambo lokujikeleza iRobben Island.
Ngakho, ngezindlela eziningi, iRobben Island ingumshini omnandi wezokuvakasha, ekhiqiza abantu abanjengo Disneyland emaholidini ehlobo. Ngamanye amazwi kuwumuzwa okumele wonke umhlali waseNingizimu Afrika awuzwe ukuze siqonde kangcono ubuhlungu beqiniso lomlandu wethu.

I-V ne A Waterfront

Njengomvakashi, uhambo lwakho lwe Robben Island luqala e Victoria ne Alfred Waterfront. Indawo yezitolo ematasa le, egcwele izitolo, izindawo zokudla, Nama-‘cinema’. Lesakhiwo senabele endaweni enkulu, kungaba sezinhlelweni zakho, ungachitha amahora ambalwa phambi kumbe emva kohambo lwasesiqhingini.
Empeleni indawo eyayisobenziswa ngokwechweba lamafemu edolobha lase Kapa, ko 1900 i-Waterfront yake yangesebenziseka emva kokuba kwakhiwe isikhumulo semikhumbi esikhulu e Foreshore.
Ngo 1988 lawoma warehouse adilizwa ukuba kwakhiwe ubukhazikhazi obuyi-Waterfront le osuyibona uyijabulele namhlanje. Kwaphinde kwafakwa ne–mall, i Victoria Wharf, lesakhiwo senekela ngaphesheya e Victoria Basin, okwenza ube nentuba emnandi ukubuka ichweba, mikhumbi intweza, izindiza ezinophephela emhlane zibhabhazela ziyabonakala, nokho akusikho lokho okuyokuyisa e Robben Island.

iNelson Mandela Gateway

©Roger de la Harpe
Yiya e Nelson Mandela Gateway lakhona uzobamba isikebhe esizokuyisa e Robben Island. I-Gateway yakhiwe emlonyeni we Alfred Basin, la uyothola khona amahhotela amaningi eqophelo nezikebhe zokuntweza zikuthamelisa ilanga. Ukubuka i-Table Mountain use Alfred Basin buwubuhle obumangazayo, zonke lezindawo zisentubeni enhle kuyo yonke i-Waterfront.
Uma upake kwenye yezindawo zokupaka eduze ne mall, humbula usazohamba ibanganyana ngezinyawo uya eGateway. Nokho uzophinde futhi ube nengqayizivele yokuwela i swing bridge, elinciphisa indawana ephakathi kwe Alfred Basin nolwandle. Indawo enhle ukupaka yise Clock Tower Centre ethe ukuqhela eceleni kwe Waterfront. Lendawo yokupaka ithe ukucasha, njengoba uyithola ngokujikela eduze nedolobha, kodwa ikubeka ngqo esakhiweni se Waterfront.
iClock Tower Centre nayo inohide lwezitolo nezindawo zokudla ngokwayo,iphinde ibe nendawo enkulu, neyenelisayo ngokwemibuzo yezivakashi lakunezisebenzi ezanele phezulu ukukupha ulwazi, okunabantu abaqhamuka kulo lonke elengabadi. Yindawo yolwazi le enhle kakhulu edolobheni eKapa, iNtshonalanga Kapa nase Ningizimu Afrika yonkana. Lendawo yolwazi ine-internet cafe futhi ungakwazi ukubhalisa ithikithi lakho lokuvakashela i Robben Island etafuleni lakhona.

Translated by Sbonelo Ngema