Ukulawulwa Kokhula Ekulimeni Izitshalo

© Marinda Louw

Ukhula lubhekwa ngabalimi ngokuthi 'izitshalo zokubonisa'. Izimila zikhula kahle lapho zithola khona ukudla okudingayo endaweni lapho zingaphila khona.
'Ukhula' lungabonisa insilela noma ukuba khona kwamaminerali ngokweqile emhlabathini kanye nokudalula ulwazi ngobumuncu, umswakama nokuhlanganiswa kwenhlabathi njengobuningi be-hardpan - ungqimba oluvimbela amanzi, ikakhulukazi enhlabathini yobumba.
UFrederick Clements, isazi sezitshalo esidumile sase-United States sachaza: "Isitshalo ngasinye isibonakaliso njengoba isitshalo ngasinye siwumkhiqizo wezimo lapho sikhula khona, futhi ngaleyo ndlela sinesilinganiso salezi zimo. Ngenxa yalokho, impendulo eyenziwe yisitshalo inikeza izici okumele uziqaphele ezisebenza kuwo."
Izibonelo ezinhle zingotshani olusheshayo (i-Cynodon dactylon) ekhetha inhlabathi ehlanganisiwe kanye nembabazane ekhula enhlabathini ezine nayitrojeni ephezulu. Isithombo esidliwa yimfuyo sizotholakala enhlabathini enenayitrojeni ephansi.

Indlela Yokulawula Ukhula

Ukulawula ukhula kuyinselele enkulu ekulimeni izitshalo. Indlela ephumelela kunazo zonke ukukhishwa kwokhula ngezandla noma ngemishini edonswa ngamatrakta. Isibonelo, ukhula lungasuswa isihlonti siboshwe ngemuva kwetrakta. Isetshenziswa ekulimeni imifino, kodwa kuyabiza futhi kuyingozi.
Imfucuza ingasetshenziselwa ukulawula ukhula, futhi isiza ukugcina inhlabathi inomswakama, ivimbele ukulimala kweqhwa futhi ingeza ubuhle bomhlabathi.
Imfucuza ingaba ngokwemvelo (Isibonelo, utshani obomileyo, Izitshalo ezitshalweb ngaphakathi, amagxolo) noma ucwazi bungasetshenziswa. Thola ulwazi mayelana nemithethonqubo yakwakho uma lokhu kuzovunyelwa. Ucwazi budinga ukususwa ekupheleni kwenkathi futhi bulahlwe ngendlela engabhubisi imvelo.

Vala Izitshalo Ukuze Unciphise Ukhula

Ukutshala izitshalo njengesembozo nokuxuba (izitshalo ezikhula eduze noma ezitshalwe phakathi kwemigqa) kunganciphisa nokhula. Inhlabathi isakazeke kakhulu izitshalo okusho ukuthi ngeke kube khona isikhala noma ukukhanya okwanele ukuze imbewu yokhula ihlume futhi ikhule. Ukwehlukanisa futhi kuyindlela yokuqinisekisa ukuhlukahluka kwemvelo epulazini lakho.
Ngokuhlwanyela izitshalo zokumboza, inhloso eyinhloko ukuthuthukisa impilo yenhlabathi hhayi ukuvuna noma ukusetshenziselwa ukuhlwanyela. Izitshalo ezithandwayo zokuthuthukisa inhlabathi zihlanganisa okusandumba nesithombo esidliwa yimfuyo.

Translated by Nsika Khoza