uKofi Annan ngo Mandela

Ethula Inkulumo ngoMandela

©Eric Miller

uKofi Annan walibamba kahle ithuba lomcimbi, Isifundo sesihlanu sika Nelson Mandela ngomhlaka 22 July 2007, ngokuhlonipha igama lika Nelson Mandela nokuba nobuntu kwakhe ngobeka ukuthi yena nonkosikazi wakhe uNane babekuthokozele kanjani ukubungaza usuku lokuzalwa kwakho lapha eGoli (mhlaka 18 July) wabe esethaka nangamanye amazwi avela enhlizweni yakhe: Kuyinhlanhla enkulu kimi ukuzokwethula isifundo ngoMandela. Ngaphambi kokuba ngiqale, Ngifisa ukucacisa okuthize.

Ngethula isifundo ngokuhlonipha uMandela. Angethuli nakancane isifundo ku Nelson Mandela. Ngingelinge ngikwenze lokho. Uma bengingakwenza lokho, ubezongilalela ngomusa, angibekezelele. Kodwa ithi nginitshele lokhu: akekho ongacabanga ukunika uMadiba isifundo. Ayi ngosuku lwakhe lokuzalwa, ayi futhi nangolunye usuku. Kungenzeka ukuba uselikhululile ihhovisi abakulo eminyakeni eyadlule, kodwa akakakhululi nokukodwa okumchaza ukuthi ungubani kanye nengunya elikuye.

Yize kunjalo, ngasizathu simbe usalokhu Eqhubeke njalo ukungibiza ‘umphathi’ .Iminyaka eminingi bekuthi uma ngimushayela ucingo ubethi, ‘Mphathi wami. Unjani Mphathi wami?’ bengimphendula ngithi, ‘Ngingaba kanjani umphathi wakho?’ ubeyaye athi ‘Nobhala-Jikelele weNhlangano Yezizwe ezihlangeneyo (UN). Uphethe umhlaba’. Impela, njengoba azi naye, angikaze ngiphathe umhlaba. Manje angisaphethe nalapho kwi UN.

Kodwa namanje usaqhubeka. Ngicabanga ukuthi uyangincokolisa. .Kodwake, uhlezi engumuntu onjalo. Yabona ukumamatheka kwakhe okukhulu, uNelson Mandela angaba ngomuntu onobubele, othobekile ngobumnene ngisho nomuntu oqavile onamancoko owake waziwa kumhlaba wonke.

Kodwa futhi ungumuntu oqinile onamandla. Sonke siyazi ngesibindi nokukhuthazela kwakhe okwakwazi ukumgcina iminyaka engu 27 esejele waze wabona iNingizimu Afrika ifike ekupheleni kobandlululo kanye nobunzima kodwa nempumelelo yoguquko lokungena enkululekweni. Umhlaba usubonile ukuthi ujule kangakanani ekukholweni inkululeko, isithunzi somuntu, kanye nelungelo lomuntu ukuba akwazi ukugcwalisa iphupho lakhe.

Kanye nasemsebenzini wethu sonke, Ngibe nenhlanhla yokumbona ukuthi ugxila kangakanani ukufuneni ukubona lezozinto zifezeka. Sengike ngamubona kwizingxoxo ebezinzima ezinjengalezo eBrurundi, lapho ayezama ukuthi izinhlaka ezazilwa zibeke phansi izibhamu zazo bese zenza ukuthula. Ngesikhathi ebona ukuthi kwenzakalani, wathi ‘Nina madoda nenza ukuba ngizizwele nginehlazo lokuba ngumAfrika’.

Ukugxekwa okubangela amahloni ngumuntu osenza sonke ukuba sizizwele sinokuziqhenya ukuba ngama Afrika. Nawe ungacabanga umfutho lamazwi aphuma ngawo. Noma mhlawumbe angeke. Kwakungumzuzu ongajwayelekile onamandla. Futhi ahlaba kwaphukela kumaphuzu athile – kwimigomo ethile – uNelson Mandela angesuswe.

Ngesikhathi isikhathi sakhe njengoMonngamelo sifinyelela ekupheleni, abantu abaningi bazama ukuba bamcela ukuthi akathi ukuhlala aqhubeke. Kodwa wayesezimisele ukulishiya lelo hhovisi. Isibonelo esihle kangaka kwinkabazwe lapho abanye omongamemeli ngezinye izikhathi benqabile noma beze baguqula umthetho sisekelo emazweni abo ukuze bakhonkobale amandla emibuso iminyaka ngeminyaka.

Bakhona nabanye futhi abaholi abancele izifundiso ezinqala kuMandela ngaphambi kokuba abekwe njengoMongameli: ukuba ngoqqhakambileyo akuyona kuphela indawo ongenza umthelela kuyo.

Translated by Nokubonga Guliwe

Umsebenzi kaMbhishobhi omkhulu uDesmond Tutu ngamuva kokulwa nobuhlanga

Ngisho nangemva kokuba ubandlululo luqedwe, uMbhishobhi omkhulu uDesmond Tutu wayazi ukuthi umsebenzi wakhe awukude. Wayesenalo iphupho loku...more

Mandela's Think Tank

uKofi Annan wachaza idlanzana elikhethekile elahlanganiswa ngu Mandela eGoli ngonyaka ka 2007 ukwakha abaluleki ngezwe ngokuthi bayindawo ej...more