uDkt.Peter Magubane Uveza Ukusetshenziswa Kwabantwana

© David Meyer-Gollan

‘Ngaphandle Kwemfundo, Ungenze lutho!

uDkt Magubane ufika eSoweto kade ehamba kwimigwaqo enguzigizeke. uPeter ubala amagquma ezikrebhe kanye nezindawo zokuqoqelwa kwamalahle okusebenza kuzo izingane ezisencane. Ubukhona bakhe benza indawo akuyo ibengeyakhe. Lona lolugqozi olwamholela ekutheni aveze isankahlo seminyaka yobandlululo lusamugqugquzela ukuba aveze izinkinga zalesisikhathi. uDkt Peter Magubane ushayela phakathi kwezikrebhuyadi zase Soweto.

Ithuna lokusansimbi. Kunemfucuza eningi esirasitile ezwakala emoyeni. uMagubane ubheka abafana abesebancane ngeminyaka abasebenza lapha. Bayasishiya isikole ukuze bakwazi ukuthi bahole okuncane ngisho amarandi amahlanu ngokuqokelela nokudayisa izikrebha. Abaningi babo badlala ukudoja isikole futhi abazi ukuthi imfundo ibaluleke kakngakanani,’ uyazama ukuchaza loludaba oluxakile. uMagubane uhlezi edlulela ngale kwe khamera ukusiza abantu abathwebulayo.

Ngokuhamba kweminyaka usesizile ukubuyisela abaningi abantwana abebebalekele amakhaya kubazali babo. Uyachaza ukuthi wayengaveli agxambukele kuze kube beza kuye ukuzocela usizo “Madala! Madala!" uma bemubiza “Ngifuna ukuya ekhaya” bahlanu kuphela kubantwana babafana namantombazane abangamashumi amathathu nanhlanu asebasizile abaphinde babuyela kwimpilo yasemgwaqeni.

Bayaxaphazwa futhi Bampofu.

Ufinyelela kwisitobhu sakhe esilandelayo. Singale komgwaqo wetiyela ongenela emalahlemi aseJabulani. Izintatshana zamaqoqwana amalahle zivimbela ukuba ubone indawo ezungezile. Izikwata zemikhukhu yezindlu zakhelwe phezu kovucu. Umama osemncane uneka izingubo ezigqamile elayinini, khona lapho umntwana womfana udlala kwixhaphozi lodaka.

Amakheji ezinkukhu ambondelene yonke indawo kukhona nezinkukhu ezimbalwa ezizulazulayo eziphunyukile, iphunga elimbi liphafuza emoyeni. liphuma ilanga ekuseni, abantu abasha bayaqala namafosholo ukulayisha amalahle asindayo ezinqoleni zezimbongolo ukuyothululwa ezindaweni zonke zase Soweto.

Ebusika imigqa yentuthu efuswa imililo yamalahle igcwala isibhakabhaka saleli lokishi. Kufudumele lapha futhi banayo indawo yokufihla ikhanda.

uMagubane uyajeqeza ebuka ewindini. Bayaxhashazwa kanti badla imbuya ngothi, ingxaki enkulu ebhekene nalezizingane namhlanje uyazizwela ukuthi ngale kokungabaza, imfundo. Ngaphandle kwemfundo ungenze lutho! indoda ecbukeka iyisidlakela iyamubona lomthwebulizithombe. ‘omunye wabafana bami lona’ kuchaza ngokumamatheka uMagubane. usesebenze lapha iminyaka.

‘kubuhlungu ukwazi ukuthi ummfana amuthwebula isithombe ngo 1970 nguye owamholela kwintsha yamanje esemalahleni. Usenabo abantu angaxhumana nabo ngakho uyawashiya lamaqele anezindunduma ukuya emigwaqeni eyithafa yase Zola, lapho amabhungu nanamatshitshi ehlobisa imigwaqo namapaki, udlula kancane ngakwesokhohlo owesifazane okhahlazekile oshayela inqola yesihlalo esihambayo