uDkt Peter Magubane umthwebuli wezithombe osemthethweni ka Nelson Mandela

© David Meyer-Gollan

Uhlangana no Nelson Mandela

uDkt. Peter Magubane uyakhumbula ukuqala kwakhe ukuhlangana ngokumsulwa nendoda eyayizokubalwa njengomunye wabangani abaqavile empilweni yakhe yonke. ‘kwakuphakathi kwezinsuku lapho uMandela ayesebenza njengommeli’ Ngangidinga ummeli ukumela ubaba wami owayekade ebandakanyeke engozini yemoto, ngakhoke ngahamba ngaya kumahhovisi ka Mandela no Tambo; uyabuyekeza.

‘Ngalesosikhathi ngangingazi ukuthi bazibandakanye kangakanani nezepolotiki. uMandela wangitshela ukuthi umatasa kakhulu futhi wayengafuni ukuthatha amacala amaningi ngoba ubesafuna ukuphothula ngayesagxile ukusebenza kuwo. Kwakumele ngithole omunye ummeli.

Ngokuhamba kwesikhathi, izingane zika Peter zabangabangani nezingane zika Mandela ngoba zazifunda esikoleni esisodwa eSwazini. ‘Nganginethuba lokuba ngibahambise kanye nabami ukuya esikoleni, ngoba ngangazi ukuthi umama wabo [Winnie Madikizela-Mandela] wayengakwazi ukukwenza lokho ngoba naye wayevinjelwe.

Ngenhlanhla nganginabantu engangingabethemba ababengeke bayifafaze indaba, ‘uPeter uyabeka. Kancane, nabo bengaqondile, ubungani obunzulu buyakhekha kulabosopplitiki ababili – omunye okhuluma ngamazwi nezenzo, omunye ukhuluma ngekhamera yakhe.

Ukuvakashela eRobben Island (esiqhingini)

uDkt Peter Magubane uyahamba ukuyovakashela uNelson Mandela ejele eRobben Island (esiqhingini), lokhu kwaqinisa ubudlelwano phakathi kowaye-ngalesosikhathi ezoba nguMongameli wakusasa kanye nentandokazi kamthwebulizithombe. ‘Ngasebenzisa igama okungesilo elami lesiXhosa - Ralanqobuso Mtirara.

Angazi ukuthi bangingenisa kanjani, kodwa bangingenisa. Sobabili sabheka emuva ukubona ukuthi isikhathi asesikuso sasesisikhahlameze kanjani emzimbeni kwashintsha nokubukeka kwethu kodwa sobababili sasingamaqhawe empi ngaphakathi ezinhlizweni zethu; ‘Kusho uPeter.

‘uMandela wangihalalisela kumsebenzi wami wokuthwebula izithombe engangiwenza ukuveza okwakwenzeka ezweni lethu ngaphandle kokwesaba

Ithuba eliyingqayizivele

Ngomhlaka 11 February 1990, uDkt Peter Magubane wathola ukuphoxeka okubuhlungu. ‘Usuku olwaqopha umlando ezweni, ngesikhathi uMandela ekhishwa ejele, ngaba nenselelo enzima ukukwazi ukuthwebula izithombe. Iqulu labantu laselihlangane ngaphandle kwasejele iVictor Verster ePaarl.

Abanye abantu base begibele naphezu kwamabhasi namaloli. Abathwebuli zithombe babephansi nami ngabe sengibajoyina emizamweni yethu yokuthola indawo ekahle ukuze sikwazi ukuthwebula okwakwenzeka kulomzuzu.

Kuthe ekugcineni uMandela esephuma, iqulu labantu lasondela ngaphambili ngendluzula ngangokuthi sasicindezeleka, abantu bethakasa. Kuyona yonke iminyaka yokusebenza kwami, isona lesi sithombe esasibululekile kunazozonke engingakwazanga ukusithwebula. Ngangicasuke kakhulu futhi ngiphoxekile, Kodwa yini enye engangingayenza?

Engangisele nakho kuphela kwakungukuthi ngiqhubekele phambili nganeliseke ekwazini ukuthu ngiyengaba nethuba kokuthwebula eminye imizuzu eyingqayizivele’. Ithuba eliyingqayizivele liyaqhamuka futhi lapho uPeter ephinda ehlangana noMandela.

Yize noma engalitholanga elokumthwebula enyathela amagxathu abheke enkululekweni, uPeter uzizwa engohloniphekile kakhulu ukuqokwa ngokumisiweyo okusemthethweni ukuba umthwebuli wezithombe zikaMandela ukuba acoshele, ashicilele umlando woguquko kwiminyaka emine yokungena kwintando yeningi.

Uhambo luyaqala.

Kwabanjaloke, uhambo lomlando laqala. uPeter wabelana ngokungenamfihlo kwalokho okuyisimangaliso okwenzeka ezimpilweni zabantu base Ningizimu Afrika kwisikhathi seminyaka emine asisebenza njengomthwebuli osemthethweni. Uzimisa kahle kuwona wonke amathuba awatholayo ukukwazi ukuthwebula izithombe endleleni entsha yombuso omusha wezepolitiki.

uMagubane uyachaza ukuthi ubudlelwano bakhe no Mandela baqina kanjani begudla uhambo lokuthula bendawonye. Bese sivele sinokwethembana futhi sasihloniphana ngendlela efanayo.

Njengomthwebulizithombe, futhi njengomuntu oqopha okwenzeka emlandweni, angeke ukwazi ukuveza iqiniso uma ungaxoleli. Phakathi kwaleminyaka ekhethkile, ngafunda ukuthi udinga ukuba nokubekezela, futhi kumele uqonde ukuthi amaphutha ayenzeka.

Isithombe Esikhethekile.

Uzothola izithombe zika Mandela lapho eqinise ubuso bese evela ebambe umntwana; kwezinye izikhathi uyajayiva futhi uyadansa. Lena indoda abantu abaningi abamhlophe base Ningizimu Afrika abacabanga ukuthi kungenzeka ukuthi yahlukile.

Kunokuthi aqinise lokho ababekusaba kakhulu okubafudula abadingise ezweni, wabelulela izandla zokuthula, ethi: “Wozani zisebenze ndawonye “Kukhona inhlansi emehlweni ka Peter ngesikhathi ekhumbula okwakwenzeka nokwaholela kwisithombe sakhe esikhethekile nasithandayo esisencwadini yakhe ethi Man of the people: ihlanganisela yezithombe zokuhlonipha uNelson Mandela. ‘yiso kanye lapho uMandela edansa kubungazwa usuku lwakhe lokuzala eneminyaka engu 72 ubudala nesathathwa e-Kippies ese-Newtown, eGoli.

Lapho uyayibona intokozo yenkululeko ikhanya ebusweni bakhe. “Ngangifuna ukumbonga uMadiba ngokungethemba, kanye nokungivumela ithuba lokushicilela leyongxenye yempilo yakhe. ‘Emagameni akhe uNelson Mandela, Indaba ngobandlulo exoxwa nguMagubane ngezithombe, yasiza ukuphendla indlela yoguquko lweNingizimu Afrika’ kuyo indlela uPeter udlule kobukhulu ubunzima ngokuzinikela kwakhe.

Amaqhawe Omzabalazo Eboshwe eRobben Island

Abaholi nababemele i African National Congress babe ngabakoqala ukuboshwa. Babe sebelandelwa ngababemele izinhlangano ezazimelene nombuso, a...more