Squirrelfish
Igama Elijwayelekile
i-Squirrelfish
Igama lesayensi
Myripristinae
Usayizi
Ungafinyelela ku-50cm, ngokujwayelekile kuba wu-18cm
Isakhiwo Saso
Siyisicaba nomzimba osaqanda namazenga amabili abukeka emahhadla. Sinomsila umise okwemfologo. Sinamehlo amakhulu nekhala elinqundekile. Sivamise ukuba bomvu ngombala ohambisana nolayini abakhanyayo umzimba wonke.
Olunye Ulwazi
Uhlobo lwe-myripristinae lunamaqoqwanyana ezizukulwane eziyisishiyagalombili nezinye izinhlobo ezimdibi nazo eziwu-84. Siyinzalo ye-Soldierfish. Sitholakala ezixhotsheni ngezikhathi zasemini noma emifantwini. Sizingela kakhulu ebusuku. Sithanda kakhulu izindawo ezinamanzi empophoma. Ezinye zinamathambo ayingozi eduze kwamakhala. Izalelela emanzini amaningi njengolwandle.
Ukudla
Sidla izilwanyana ezincane zasolwandle nezimbaza.
Ukusabalala Kwaso
Sitholakala ezindaweni ezifudumele emhlabeni jikelele.
Uhlobo Olujwayelekile
Squirrelfish - Sargocentron diadema
Saber squirrelfish - Sargocentron spiniferum
Tailspot squirrelfish - Sargocentron caudimaculatum