Sea Spiders
Izicabucabu Zasolwandle
Igama elijwayelekile
Izicabucabu zasolwandle
Igama lesayensi
Pantopoda
Usayizi
Ungaqala ku-1cm uze ufinyelele ku-1m.
Isakhiwo Sazo
Zinemilenze emide nemizimba emincane. Kuvamise ukuba yimilenze emine, kodwa kuyenze ibe mihlanu noma yisithupha. Zinamakhala ekhanda. Zinezisu ezibonakalayo. Zivamise ukuba nemibala engagqamile kakhulu njengonsundu nowolintshi.
Olunye Ulwazi
Uhlobo lwe-pantopoda lunezinhlobo eziwu-1 400 ngaphansi kwalo. Akuzona izicabucabu ezejwayelekile. Ziyakwazi ukucasha kalula. Azinawo amaphaphu, kodwa ziphefumula ngokukhipha umoya. Izicubu zomzimba sezifana nemilenze ngenxa yobuncane bemizimba yazo. Ziyakwazi ukuhamba nokubhukuda. Ezesilisa yizona ezigada amaqanda aze achamusele.
Ukudla
Adla izilwane ezingenamathambo emgogodleni.
Ukusabalala Kwazo
Zitholakala kuzona zonke izilwandle emhlabeni kubalwa ne-Arctic
Uhlobo Oluvamile
Anoplodactylus digitatus
Nymphon gracile
Nymphon sp.