Rock Hyrax

© Roger de la Harpe

Igama

I-Rock Dassie – manje esidume nge-Rock Hyrax (Procavia capensis)

Ibukeka kanjani

I-Rock Hyrax, yiyo yodwa ewuhlobo olusondelene kakhulu nendlovu olusaphilayo, yize imizimba yazo ingalingani, ubuhlobo balezi zilwane bubonakala ngokufana kwamazinyo azo nezinyawo.

Adlani

I-Rock Hyrax ayinakudla okukhethekile ekudlayo, idla izithelo, kodwa ukudla ekuthanda kakhulu wutshani obumila emva kwezimvula. Ngenkathi yesomiso zidla noma yiziphi izithelo ezitholakalayo nezithelo ososayensi abathi ziyingozi.

Azalana kanjani

Lezi zilwane zizala ehlobo, emveni kokuthi zimithe izinyanga eziyisikhombisa. Ezesifazane ziyakwazi ukuzala zingekawuqedi unyaka. Eyesilisa okuyiyo ephethe iyakwazi ukumithisa eyesifazane uma isinezinyanga eziwu-17.

Ziphila kanjani

I-Rock Hyrax ithanda ukuhlala phezu kwamadwala ithamele ilanga, ikakhulukazi ekuseni nantambama. Lesi silwane sidliwa wukhozi, i-caracal nengwe.

Zitholakala kuphi

I-Rock Hyrax ithanda izindawo ezinamatshe, noma yikuphi eNingizimu Afrika. Ziyathanda ukuhlala nasezihlahleni, eziseduze kwamatshe.

Imininingwane ebalulekile

Igama lesiLatin: Procavia Capensis
Isisindo (Eyesifazane): Wu-2,5 kg kuya ku-4,2 kg
Isisindo (Eyesilisa): Wu-3,2 kg kuya ku-4,7 kg
Ubude (Eyesifazane): Wu-55cm
Ubude (Eyesilisa): Wu-55cm
Ukumitha: Izinyanga ezingu-8
Amazinyane: 1-6
Ukulungela ukuzala: Izinyanga eziwu-17
Isisindo ngo suku loku zalwa: Wu-165 g kuya ku-230 g
Uhlelo: Hyracoidea
Umndeni: Procaviidae
Azalana kanjani: Amazinyane azalwa ngoSepthemba kuya kuNovemba nangoMashi kuya ku-Ephreli, emveni kokuthi imazi ikhulelwe izinyanga eziyisikhombisa.

Ukubukeka komzila

Inezinzwane ezine ngaphambili nezinzwane ezintathu ngasemuva. Zonke inzwane zinamazipho, ngaphandle kozwane oluphakathi nezinyawo zangasemuva. Lolu zwane ngolokuzihlanza. Ngaphansi kwezinyawo zalesi silwane kuqinile, futhi kuhlezi kuqhoshile, okusisiza ukuthi sikwazi ukubhalansa, emaweni, nasezindaweni ezishibilikayo nasekucaceni ezihlahleni.