Red Lionfish
Igama elijwayelekile
ama-Lionfish
Isidlaliso
ama-Turkeyfish, ama-firefish
Igama lesayensi
Pterois
Usayizi
Ungafinyelela ku-50cm, ngokujwayelekile kuba wu-30cm.
Isakhiwo Sawo
Izigwedlo ezingamapheya ezimisise okwesiphephethamoya nesigwedlo esicijile esifana neziboya zebhubesi. Imibala yakhona ihlukahlukene kubalwa kuyo onsundu sakuba bomvu nonsundu onemigqa emiholphe.
Olunye Ulwazi
Uhlobo lwe-pterois lunezinhlobo eziyisishiyagalolunye. Amathambo alo anobuthi, kodwa obungabulali. Luhle kakhulu ekuzifihleni. Uhlobo oluthule lukafishi olungathuki kalula uma kunababhukudi. Luvamise ukutholakala luzifakele ikhanda phansi ezixhotsheni uma luzingela. Luzingela kakhulu ebusuku futhi luzalela emanzini amaningi njengolwandle.
Ukudla
Ludla ofishi abancane, izikhuphashe nezinkalankala.
Ukusabalala Kwawo
Lutholakala ezindaweni ezifudumele emhlabeni wonke.
Uhlobo Oluvamile
Broadbarred scorpionfish/Spotfin lionfish (Pterois antennata)
Lionfish/Devil firefish (Pterois miles)
Radial scorpionfish (Pterois radiata)