Red-hot Poker

© Roger de la Harpe
Red-hot Poker.

Igama

Red-hot Poker

Igama lesiLatini

Kniphofia spp

Incazelo

Okuqaphelekayo ngalesi sitshalo yindlela imbali yaso eyakheke kahle ngayo. Amaqabunga angakhula aze abe yimitha elilodwa ubude. Isiqu sembali, esikhula size zibe yimitha nohhafu ubude, siyintshakaza enesixhanti sezimbali ezihleleke kahle eziyimugxusha. Imbali iqala ibe bomvu ngokuphaphathekile bese iyashintsha ibe phuzi, noma ibe phuzi okuxubene nokuluhlaza, ekuhambeni kwehlobo.

Indawo yokuhlala

Le sitshalo sitholakala ezindaweni ezingamathafa nasezindweni eziphansi ezivame ukuba namanzi amile emuva kwemvula, kusukelwa eWestern Cape kunyuka njalo kuze kuyofika eLimpopo.

Olunye ulwazi

Kunezinhlobo eziningi ngaphansi komdeni wezitshalo ezibizwa ngama-Poker. Ezinye zalezi zinhlobo kubalwa i-K. linearifolia, K. uvaria, K. multiflora, ne-K. Caulescens.
I-Red Hot Poker yisitshalo esidabuka eNingizimu Afrika yize manje sesitshalwe nasemazweni amaningi emhlabeni ngenxa yobuhle obungajwayekile bembali yaso kanjalo nokuthi le mbali ihlala isikhathi eside iqhakazile.