Monkey
Inkawu

© Nigel Dennis

Kunezinhlobo ezingaphezulu kuka-250 zezinkawu emhlabeni, zihlukene ngobude kusukela kwi-Pigmy Marmoset ewu-15cm kuya kwi-Mandril ecishe ibeyimitha ubude. Kusekhona indida ekuchazeni inkawu nenkawu engenamsila kanti abantu behlukanisa izinhlobo ngezindlela ezehlukane.

Izinkawu zichaza abavakashi isikhathi esiningi uma bevakashele i-Afrika ngokuganga kwazo, kwesinye isikhathi ngemikhuba yazo ongathi eyomuntu. Zingabathokozisi abakhulu ngempela kodwa zijika zibe wuhlupho uma zicabanga ukuthi abantu baphethe ukudla.
Izinkawu zivamise ukuba wuhlupho emizini nasezinkanjani zabavakashi e-Afrika, emakhishini nasemathendeni zihamba zifuna ukudla. Uma inkinga ike yaqala ngezinkawu endaweni kuba nzima ukuyinqanda ngenxa yokuthi umkhuba udlulela ezizukulwaneni zazo. I-Vervet Monkey yiyona nkawu eyande kakhulu e-Afrika. Funda futhi nangensimango.