Marula Tree

© Geoff Nichols

Igama

Marula Tree [Scelerocarya birrea]

Igama lesiLatini

Scelerocarya birrea

Isingeniso

Umlando wesihlahla semarula uqala ezinkulungwaneni zeminyaka eminingi eyadlulayo. Ucwaningo lubonisa ukuthi imarula kwakuyisihlahla esiwumthombo womsoco nezakha mzima ngeminyaka yo-10, 000 B.C. Imarula, Scelerocarya birrea, yinhlobo engaphansi kwe-caffera, okuyiyona umcebo wezitshalo.
EPonmongwe Cave eZimbabwe, kulinganiselwa ukuthi izithelo zalezi zihlahla esezadliwa, ziyizigidi ezingamashumi amabili nane (24 million). Akuzona izithelo kuphela ezadliwayo.
Amantongomane azo anomsoco nezakhamzimba. Imarula idume ngokuba nezithelo ezisanganisa izindlovu. Imarula yisona isithelo esithandwa kakhulu e-Afrika futhi yayingxenye yokudla eNingizimu Afrika, Botswana naseNamibia ezikathini zasendulo.

Incazelo

Lesi sihlahla sikhula size sibeyi-18 lamamitha ubude. Sikhula ezindaweni ezehlukeni ezinama-woodlands nakwisihlabathi esinobumba nezinti. Zitholakala e-Ethiopia naKwazulu-Natal. Siqhakaza njalo ngoMandulo kuya kuLwezi, izithelo zaso zibonakala ngoMasingana kuya kuNdasa. Izithelo zalesi sihlahla ziyadliwa futhi zinesakha mzimba ekuthiwa ngu-Vitamin C. Ama-warthog, Izindlovu, ama-waterbuck, izindlulamthi nama-kudu adla izithelo namaqabunga alesi sihlahla.

Ukusetshenziswa

Isikhumba sesithelo semarula, siye sibiliswe, kwenziwe ngaso isiphuzo, noma sishiswe ukuze sisetshenziswe ukwenza ikhofi. Izinkuni zalesi sihlahla zithambile, futhi zingasetshenziswa ekudwebeni. Ingaphakathi lesiqu kwenziwa ngaso intambo. Izindawo zabacwaningi zibonisa ukuthi isithelo semarula sasiyingxenye yokudla mandulo, ikakhulukazi kwizizwe zase-Afrika. Isiqu singasetshenziswa ekwenzeni udayi onsundu. Ama-Large Saturniid Caterpillars avunwa kulesi sihlahla bese ayathoswa, nezibungu ze Cerambycid Wood Boring Beetle ngokunjanlo.
Ngaphakathi kwesithelo kunamantongomane amabili amancane anamaprotheni amaningi. Amafutha kugcotshwa ngawo isikhumba zomzimba. Amaqabunga aso alapha isishisa. Isiqu sinama- antihistamines asiza ekuhlanzeni, sona uyasibilisa bese ugquma ngaso.
Isiqu esincane siye sicotshozwe size sibeyimpuphu, bese siditshaniswa namanzi. Uma uphuza lomxube ungalapha i-dysentery nohudo. Okokugcina isiqu silapha i-malaria prophylactic.

Izithelo

I-marula yisithelo ezinamanzi futhi esinephunga elimnandi. Usayizi wayo ungange plamu. Ungayidla isasuka esihlahleni. Ungakwazi nokwenza ujamu neziphuzo ezidakayo ngayo.

Zitholakala kuphi

Yingxenye yizithelo ekuthiwa yi-Bushveld noma i-Savannah, etholakala eMpumalanga, nase Kruger National Park. Itholakala eduze kwezihlahla ekuthiwa yi-Umbrella Thorn (Acaia), ama-Baobab, Fever Trees, ama-Mopani notshani obude.

Olunye ulwazi

Imarula i-dioecious, okuchaza ukuthi lezihlahla zinobulili. Yilo leliqiniso elenza amaVenda akholelwe ukuthi uma uphuza ingxube yesihlahla ubulili baso ekuyisila ingane yakho izoba ngumfana. Mangabe uphuza ingxube yesihlahla ubulili baso yisifazane ingane yakho izobayi ntombazane. Mangabe uphuze ingxube ethize kodwa wazala ingane engeyona ubulili obowubufuna kuyekuthiwe leyo ngane yingane ekhethekile ngoba, idide imimoya.