Longfins

© Johan Boshoff

Igama Elijwayelekile

ama-Longfins

Isidlaliso

ama-Roundheads, ama-spiny basslets

Usayizi

Ungafinyelela ku-20cm, ngokujwayelekile kuba wu-15cm.

Isakhiwo Sawo

Wuhlobo lukafishi olude ngomzimba. Lunamehlo amakhulu nemilomo emikhulu. Izigwedlo zasemgogodleni nasemsileni zinde futhi kwesinye isikhathi ziba zinde ukwedlula izigwedlo ezisemsileni. Anemibala ehlukene ngemuva okubalwa kuyo onsundu noma oluhlaza sasibhakabhaka, kwesinye isikhathi kuba namabala akhanyayo.

Olunye Ulwazi

Umndeni we-plesiopidae unezizukulwane eziwu-11 nezinye izinhlobo eziwu-38. Lucasha kakhulu ezingoxini emini. Amanye awo anento engathi yiso phezu kwesigwedlo sasemgogodleni ukwenzela ukudidisa inyamazane. Acishe afane nama-eels uma efihle ikhanda emifantwini. Avame ukutholakala ehamba ngawodwana ezixhotsheni. Azalela emanzini amaningi.

Ukudla

Adla izikhuphashe nabanye ofishi.

Atholokala Kuphi

Atholakala kuzona zonke izindawo ezifudumele emhlabeni.

Uhlobo Oluvamile

Comet - Calloplesiops altivelis
Bluegill longfin - Plesiops corallicola
Whitespotted longfin - Plesiops nigricanas