Kingfish

© Johan Boshoff

Igama elijwayelekile

Kingfish

Isidlaliso

Travelies, jacks

Igama lesayensi

Carangidae

Usayizi

Ungafinyelela ku-1.7m, ngokujwayelekile kuba ngu-70 cm.

Isakhiwo Sawo

Umzimba wawo mncane ongathi uqondile. Umsila omise okwemfologo. Eduze nomsila uya ngokuncipha. Ingemuva lawo liwuhlaka olunamathambo acijile. Avamise ukuba yisiliva umbala wawo kube nezigwedlo ezinemibala ehlukene namabala.

Olunye Ulwazi

Lolu hlobo lwe-carangidae lunezizukulwane eziwu-33 nezinye izinhlobo eziwu-140. Iningi lazo lezi zinhlobo zihlala emanzi. Luyakwazi ukuzingela futhi isikhathi esiningi luvame ukutholakala ezixhotsheni zamatshe. Ezinye zawo ukudla zikumba esihlabathini. Kwezinye izikhathi zitholakala zihamba ziningi kanti zikwazi nokuhamba amabanga amade. Zizalela emanzini amaningi.

Zidlani

Zidla kakhulu ofishi, kwesinye isikhathi kube yiminenke nezimbambela nezilwane ezingenamgogodla.

Zitholakala Kuphi

Zitholakala kulezi zilwandle; i-Atlantic, i-Indian ne-Pacific Ocean.

Uhlobo Oluvamile

Bigeye kingfish (Caranx sexfasciatus)
Bluefin kingfish (Caranx melampygus)
Giant kingfish (Caranx ignobilis)