Jellyfish

© Jean Tresfon

Igama Eligqamile Kulo Mndeni

Itheketheke

Igama lazo Lesayensi

Hydrozoa

Ubukhulu

Inesisu esinobukhulu obusukela ku-1cm kuya ku-2.5m, bese kuthi izimbambo zibe wu-60m.

Ukubukeka

Imise okwensimbi yesondo noma yesikwele. Izimbambo nezinye izitho zayo zibambelele ngasemlonyeni. Inombala ocishe ungabonakali, bese iba neminye imibala eluhlaza sasibhakabhaka, u-pink, obomvu nomhlophe.

Imininingwane Ejwayelekile

I-Hydrozoa ingena ngaphansi kwe-phylum Cnidaria ebunjwe yizinhlobo eziwu-1 750. Ihlobene kakhulu nama-corals nama-anemones. Zibhukuda ngokufinyeza izicubu zomzimba ukuze zikhahlele amanzi. Zinezicutshana zomzimba ezincinzayo ezibambweni ezisetshenziselwa ukufaka ukudla emlonyeni. Zizalela amaqanda ayaye akhule abe yitheketheke.

Zidlani

Onoshobishobi, ezinye zidla amatheketheke nezinhlanzi ezincane.

Ukuzalana

Kwenzeka kunoma iziphi izimo zezulu, ikakhulu kazi emalwandle afudumele emhlabeni.