Impahla Yonogwaja

© Karoline Steenekamp

Lesi sigaba simayelana nempahla edingakalayo yokuqala imboni yonogwaja. Lokhu kumbandakanya izitsha zokudla, amapayipi amanzi, izithungo zotshani, izilulu, impahla yokukhuculula, izidleke namahhoko okuthutha, nebhokisi losizo lokuqala.

Izitsha Zokudla

Izitsha zokudla kumele zigcwalise ngayo yonke inhlobo yokudla esetshenziswayo. Ukudla okuyizinhlamvana kuhle uma kuphakelwe kwimibhobho eqhaswe ngaphandle kwehhoko khona izinhlamvana zingaphakwa ngaphandle kokuvula yonke iminyango yehhoko.
Imibhobho yokondla noma izindishi kumele kuqhaselwe ehhokweni ukuvimba onogwaja ukuthi bangachithi basaphaze ukudla. Isitsha sokondla isikazi nezixhumo zalo, noma iqoqo lonogwaja ndawonye ehhokweni, kumele libe lide ngokwenele ukuze zonke izilwane zizokwazi ukudla ndawonye ngokukhululeka, enye eduze kwenye.
Izitsha zingenziwa ngensimbi embozwe ngenye insimbi, izimbiza noma amabhodlela eziphuzo anqunyiwe. Lokhu onogwaja bayokuququda kodwa kubuyiseleka kalula. Izitsha zokondla amashiyanja kumele zibencane ngokwenele ukuze kuvinjelwe izixhumo ezincane ukuthi bangahlali phezu kokudla. Zonke izitsha kumele zigcinwe zihlanzekile ngaso zonke izikhathi. (Bheka Ezempilo).

Uhlelo Lwamanzi

Amanzi amahle kumele abekhona ngazo zonke izikhathi futhi kuhle aphume emapayipini ayimibele. Uhlelo lwamanzi oluzilawulayo ngobuchwepheshe aluwakhandli amandla ekuhlinzekeni amanzi.
Yize lolu hlelo luwusizo olukhulu, kubalulekile ukuqinisekisa ukuthi imibele kayivalekile noma kayivuzi. Ziyadingwa ukunakekelwa. Okubi ngokusebenzisa uhlelo lwemibele ukuthi umfuyi akabinalwazi lokuthi unogwaja wakhe uphuze amanzi angakanani enkathini engamahora angu-24. Lokhu kwenza ukuthi angakwazi ukulinganisa ukuphila kukanogwaja wakhe.
Yize kunjalo, uma amathangi ehlala egcwalisiwe, ayaqinisekisa ukuthi isilwane ngasinye sinamanzi zikhathi zonke. Nomuthi odingwa ujmhlambi wonke ungahlinzekwa ngohlelo oluzilawulayo.

Izithungo Zotshani

Utshani obomile bubalulekile ekuphileni kahle konogwaja. Kuhle uma buhlanganiswe ngesibambo esaziwa ngokuthi ‘irick’ kungenjalo onogwaja bayohlala otshanini obomile babungcolise ngomsimbane. Izithungo zotshani obomile zingabangaphandle kwehhoko bese unogwaja ebudonsa phakathi kocingo noma bungaboshelwa ngaphakathi kwehhoko.

Imiphongolo Yokulondoloza

Konke ukudla kumele kugcinwe emiphongolweni evaliwe ukuze kuqinisekiswe ukuklamuzela kokudla futhi kuvinjwe amagundwane nongozo.

Translated by Zoza Shongwe