Gurnards

© Johan Boshoff

Igama Lomndeni

I-Gurnards

Isidlaliso

I-Sea robins

Igama Lesayensi

Triglidae

Usayizi

Ifikela ku 1m, ivamise ukuba ngu40cm

Isakhiwo

Inekhanda eliyithambo eliyisikwele futhi eliysixebeledu, inciphile ukuya emsileni. Izigwedlo ezisemaceleni zinezinsiba ezimbili kuya kwezintathu ngaphambili. Inemibala empunga nokumnyama emzimbeni okukhanya sasibhakabhaka emphethweni yezigwedlo zasemaceleni.

Olunye Ulwazi

Umndeni weTriglidae unezigaba eziwu-14 elihlukene izinhlobo eziwu-100. Idla ukudla okutholakala ekujuleni. Izinsiba ezitholakala ezigwedleni ezisemaceleni zisiza ekuthungatheni ukudla. Ingakhiqiza umsindo ofuze owesigubhu uma igwedla ngezinsingo. Kwezinye izikhathi iyabonakala “itshuza” phezulu kwamanzi uma iphazanyiswa yizikebhe. Ikwenza lokhu ngokulula izigwedlo zayo ezisemaceleni. Ibekisela amaqanda ayo emanzini.

Idla Nhloboni

Idla izilwanyana ezingenamathambo.

Zitholakala Kuphi

Itholakala kuzona zonke izimo zezulu zasolwandle olufudumele emhlabeni.

Umndeni Ofanayo

Bluefin gurnard - Chelidonichthys kumu
Flying gurnard - Dactylopteridae orientalis
Tub gurnard - Trigla lucerna