Guinea Grass

Igama

Guinea Grass

Igama lesiLatini

Panicum maximum

Ukusetshenziswa

Kufuzukuba lolu hlobo lotshani yilona oluyintandokazi ukuzedlula zonke ezinye izinhlobo ezindaweni lapho bukhula khona. Buyathandeka ezilwaneni ezibudlayo, bunamaqabunga amaningi futhi bukhula busabalale bube buningi emadlelweni. Intshakaza yalobu tshani ithandwa yizinyoni ezitsha imbewu.

Incazelo

Lobu tshani bukhula bube yiziqundu ezihlangene futhi buhlala isikhathi eside bungashi. Amaqabunga abo angamamilimitha angama-30 ubukhulu. Intshakaza inezimbali ezilengayo ezilandelanayo. Izilwane ezidla utshani ziyazifela ngalobu tshani.
Imbewu inombala oluhlaza saphephulu, ikakhulu uma kesi sitshalo sisendaweni enelanga. Lobu tshani buhlala buluhlaza ngisho nasebusika. I-Guinea Grass idabuka e-Afrika kodwa manje sebuyatholakala ezindaweni eziningi ezifudumele emhlabeni jikelele.

Indawo yokuhlala

Lobu tshani butholakala ezindaweni ezinomhlabathi ovundile onomswakama njengasemithunzini yezihlahla ezigudle imifula emikhulu. Ziyakwazi ukuphila nakwezinye izindawo.

Izimbali

Eningizumu Afrika imbali iqhakaza ngoMandulo kuya kuNdasa.

Olunye ulwazi

I-Guinea Grass iphinde yaziwe ngamagama amaningi e-Afrika okubalwa kuwo i-Tanganyika Grass be-Buffalo Grass. Buwutshani obuhle kakhulu ekondleni imfuyo yize kunezinkolelo zokuthi budala izifo ezithile kwezinye izilwaze ezindaweni ezithile.