Grunts

© Johan Boshoff

Igama lazo

I-Grunts

Igama lesayensi

Haemulidae

Usayizi

Ifikela ku 90 cm, Ivamise ukuba ngu30 cm.

Ibonakala ngani

Ikhanda nomzimba kukhulu kodwa iya ngokuncipha ngasemsileni. Izindebe eziwugqinsi zenza le nhlanzi igqame kwezinye. Imibala yayo iyashintsha kusukela kosiliva okumpunga kuya kophuzi nemigqa esibhakabhaka.

Imininingwane

Umndeni weHaemulidae unezigaba eziwu-17 ezihlukene ka-150. Igama layo lisuselwa emsindweni wayo ewenzayo uma iququda amazinyo. Ivamise ukutholakala ihamba iwumhlambi emanzini angajulile kakhulu. Imvamisa zizingela ukudla ebusuku. Iyatholakala lapho umfula ongenela khona elwandle. Izinhlanzi ezincane zitholakala zigudla lapho kumile khona ukhula, kokunye zibhukuda ziwumshungu okwamagagasi. Imibala yezinhlanzi ezincane ihlukile kwabadala. Izalela amaqanda ayo emanzini.

Zidlani

Idla izilwane ezingenamgogodla ezitholakala ekujuleni kolwandle njengama-shrimps, izinkalankala neminyundu.

Itholakalaphi

Itholakala kuzo zonke izimo zezulu zasolwandle olufudumele emhlabeni.

Ezinye izinhlobo

Harlequin sweetlips - Plectorhinchus chaetodonoides
Oriental sweetlips - Plectorhinchus vittatus
Whitebarred rubberlips - Plectorhinchus playfairi