Flounders

© Johan Boshoff

Igama Lomndeni

I-Flounders

Isidlaliso

I-Left-eyed flounders

Igama Lesayensi

I-Bothidae

Usayizi

Ifikela ku 1,5 m, Ivamise ukuba ngu 40 cm.

Zibonakala ngani

Inomzimba oyisicaba namehlo amabili avamise ukuba sohlangothini lwesokunxele. Kuthi uhlangothi lwesokudla lube ngaphansi. Isigwedlo esiseceleni emva kwehlo sikhula sibe side. Kuthi isigwedlo esiba semhlane nesiseduze komsila bese silandelwa yisigwedlo esisemsileni. Imibala iyashintshashintsha. Kuba khona enombala okhanyayo kodwa onamagqabhagqabha azothile, kokunye namagqabhagqabha asibhakabhaka. Iyakwazi ukushintsha imibala uma izithukusa.

Imininingwane

Umndeni weBothidae unezigaba eziwu-13 ehlukene izinhlobo eziwu-116. I-Flounders izalwa inamehlo nhlangothi zombili, kodwa abuyela kwesobunxele uma esezinzile oketshezini olusesikhumbeni. Igqame ngokuba nesigwedlo esiseceleni esinamagqabhagqabha agqamile. Iphila ekujuleni. Icasha esihlabathini ukubamba kahle ukudla kwayo. Izalela amqanda emanzini.

Zidlani

Idla izilwane ezingenamigogodla nezinhlanzi.

Itholakalaphi

Iphila kuzo zonkeizmo zezulu nasolwandle olufudumele.

Ezinye izinhlobo

Leopard flounder - Bothus pantherinus
Peacock flounder - Bothus mancus