Flagtails
Igama lazo
I-Flagtails
Igama LeSayensi
Kuhliidae
Usayizi
Ifikela ku 50 cm, kepha ivamise ukuba ngu 20 cm
Zibonakala ngani
Yihlanzi encane enomzimba obaqakile. Umsila wayo usamfoloko nombala omnyama noma omhlophe okulandela igama lwalolu hlobo lwenhlanzi iFlagtails. Inesigwedlo emhlane esijulile. Inamazenga azungeze umqolo kuya ngaphansi emsileni. Ivamise ukukhanga ngokusiliva.
Imininingwane
Umndeni weKuhliidae unesigaba esisodwa esihlukene kasishiyagalombili. Lolu hlobo lwezinhlanzi Iutholakala luhamba liwumshungu kuzo zonke izindawo. Lutholakala olwandle ezindaweni ezingajulile noma emanzini asemifuleni. Amachwane ahamba ngamaqoqo futhi atholakala emadwaleni. Zidla ebusuku. Amaqanda achamisela emanzini.
Zidlani
Zidla konke okuyizinhlanzi ezincane ezitholakala emanzini, izinkalankala nesikhuphasha nokunye.
Itholakalaphi
Itholakala kuzo zonke izimo zezulu zasolwandle emhlabeni.
Izinhlobo ezidumile
Barred flagtail (Kuhlia mugil)
Flagtail (Prochilodus sp)