Electric Ray

© Johan Boshoff

Igama

I-Electric ray

Ezinye izinhlobo

I-Torpedo rays

Igama lesayensi

Torpedinidae

Ubude

Ingakhula ize ibe yimitha ubude.

Ibonakala ngani

Le nhlanzi inomzimba omise okwendilinga, oyisicaba futhi oqumbile phakathi nendawo. Onqenqemeni lwayo kuwugqinsi futhi inomsila omkhulu. Emhlane inezigwedlo ezimbili, ezingalingani. Imibala yayo iyashiyana kusukela konsundu ngokumpunga kuya konsundu okwamagxolo nanjengesihlabathi solwandle.

Ulwazi olwejwayelekile

Umndeni wezinhlanzi i-Torpedinidae unemikhakha emibili nezinhlobo eziwu-14. Lezi zinhlanzi zinesitho esikhiqiza ugesi kanti izicubu ziyakwazi ukuwugcina lo gesi njengebhethri. Lezi zitho ezikhiqiza ugesi, ezimise okwenso, zitholakala eceleni kwekhanda. Umlilo wale nhlanzi ungakhula uze ube wu-220 volt. Kazithandathandi ukuzulazula futhi uma zizingela ziyazuma. Ziyazala, kaziwabekeli amaqanda.

Zidlani

Idla izinhlanzi ezincane nezinye izilwanyana zasolwandle ezingenamathambo.

Zitholakala kuphi

Itholakala olwandle ezindaweni ezinamazinga okushisa akahle nezinamazinga ashisa kakhulu.

Izinhlobo ezejwayelekile

Black-spotted torpedo ray - Torpedo fuscomaculata
Atlantic torpedo ray - Torpedo nobiliana
Marbled electric ray - Torpedo sinuspersici