Crested Barbet

© Shem Compion

Ukubukeka

Le nyoni nezimpaphe ezimabalabala. Yehlukile ngakho awunakho ukuyididisa nezinye izinyoni. Le nyoni encane inobuso obumnyama namachashazi ambalwa amhlophe. Inamaphiko amanyama namhlophe futhi inentamo emnyama. Ikhanda nomzimba kunezimpaphe imibala yazo ephuzi, enokumnyama nokumhlophe. Ekugcineni komzimba wayo inemibala ebomvu engabonakali kahle uma ngabe isehlathini. Inesikhalo esahlukile.

Ukudla

Zidla amaqanda ezinye izinyoni, izinambuzane, nezithelo.

Ukuzalela amaqanda

Ahlala emigodini yezihlahla noma kuma-Sisal log engadini. Ziba nomlingani oyedwa ngenkathi yokuzalisana, futhi yinyoni enomona ngensimu yayo. Ubukhulu bomhlaba kuyangokuthi indawo ezihlala kuyona zingakanani. Izalela amaqanda phakathi kukaMandulo noZibandlela. Iqanda elilodwa noma amahlanu abekwa usuku nosuku. Ukuqhwaza kuthatha amalanga ayi-13 kuya kwi-17. Amaphuphu aphuma eshaqele futhi eyimpumputhe. Ondliwa ngezinambuzane ngabo bobali abazali. Isidleke sihlanzwa njalo. Emva kwamalanga angama-31, kusuke sekunamachwane amahlanu.

Ukuziphatha

Zitholakala zihamba nganye noma ngezibili. Zithanda ukufuna ukudla emhlabathini. Zivame ukuhlala egatsheni bese ziyakhala. Akuyona inyoni le endiza kalula, futhi namayindiza indiza amabanga amafushane. Ama-crested barbets abonisa udlame ezinyonini ezisondela eduze kwezidleke zawo, futhi zixoshwa ngokushesha. Izinyoni ejwayele ukuxabana nazo ngama juba nama-thrushes. Amarekhodi abonisa ukuthi ziyakwazi nokubulala amagundane, nezinyoka.

Ukuhlala

Ihlala emahlathini, kwi-savanna kanye nasezingadini zasemadolobheni.

Zitholakala kuphi

Ama-crested barbet maningi eNingizimu Afrika, Zimbabwe, Mozambique, Botswana nasenyakatho yeNamibia.