Common Tern
Injulazoza evamile

Igama

Injulazoza evamile

Igama lesiLatin

Sterna hirundo

Umndeni

Rynchopidae

Ubude

35 cm

Indawo

Zitholakala kakhulu olwandle.

Ufuduko

Lezi zinyoni zaziwa ngokuthi ziyazula. Izinyoni zalolu hlobo ezifakwe izindandatho zokuzithungatha ziye zatholakala ogwini kusukela eNgilandi, eNorway, eFinland, eDenmark naseJalimane.

Ukukhala Kwayo

Itswininiza ithi: ‘piii’

Ukuzalela

Zibuthana ezizalweni zemifula nasezihlabathini zolwandle.

Ukusabalala

Amacchwane afuze lezi zinyoni esezikhulile kodwa kuwona ingaphezulu linamachashaza ampunga nampofu, umlomo ubomvana nemilenze iphuzinyana.

Ukuchazwa kwekhulile

Ubude bomlomo wenjulazoza evamile bulingana nebanga lokusuka emuva kweso uya esiphongweni liphindwe kanye nesigamu (1½). Umlomo wayo ubomvu bese uba mnyama ekucijeni kwawo. Okuqaphelekayo wukuthi ukhombisa ukuba mnyama kakhulu uma isesimweni sokungazaleli. Amehlo ansundu ngokushubile.
Ukhakhayi ngokuvamile lumnyama futhi lunamachashaza phezu kwamehlo, bese iba mnyama okwentshede phezu kwamehlo nasemuva kwekhanda, esiphongweni, emuva kwentamo nasemphinjeni bese ngaphansi liba mhlophe. Impunga ngokuphaphathekile ngaphezulu bese ibanomugqa omnyama ehlombe. Imilenze ibomvu ngokushubile. Uma izalela izimpaphe, ingemva lentamo, ukhakhayi nesiphongo kumnyama.

Isimo sayo

Iyisivakashi esikhulu sasehlobo.

Ukusabalala

Zikhona ogwini kusukela ngoNcwaba kuya kuMbasa. Ngalesi sikhathi ziba wumhlambi kodwa imithonseyana iyatholakala unyaka wonke. Ayivamile ukubonakala phakathi nezwe.