Black Rhino
U-Bhejane ompisholo

© Roger de la Harpe

Igama

U-Bhejane ompisholo (Diceros bincornis sp).

Ukubukeka

Isisindo senkunzi ka Bhejana ngama 1200kg, imazi yona isisindo sayo ngama 800kg. Noma kunjalo lezilwane zincane kuno Bhejane omhlophe. Ngapha kwalokho uBhejane ompisholo unomlomo ohlukile kunoka Bhejane omhlophe. U-Bhejane ompisholo uno mlomo obukhali, u Bhejane omhlophe unomlomo oskwele. U-Bhejane omhlophe une khanda elincane. Amadlebe akhe, amise okwe cilongo futhi anxazonke. Umhlaba u-Bhejane ahamba kuwo, yenye yezinto ezimnikeza umbala wesikhumba sakhe.

Ukudla

U-Bhejane udla izinto eziningi, uthanda izinkambi na makhambi. Mangabe isimo sempilo sisibi, lesilwane siye sidle utshani. Lesilwane masidla siye sidonse isihlahla ngomlomo wangenhla bese sifaka emlomeni, sihlafune. Lokuhlakula kwe zihlahla yikho okowenza izazi mvelo ukuthi zenze ucwaningo ngendlela lesisilwane esidla ngaso nanokuthi sithanda ini.

Ukuzala

U-Bhejane akanasikhathi lapho ekumele azale khona. Mengabe lezilwane zishelana, inkunzi ishaya imazi ngamaphondo. Ukuthandana ko Bhejane ngezinye inkathi kubanodlame, futhi kuthatha isikhathi eside. Imazi iye ibe namathole mase ineminyaka emihlanu noma esithupha.

Ukuziphatha

U-Bhejane makegijima isivivini sakhe siyafika kuma shumi amahlanu wama kilomitha nge hora (55km/h). Ubulongwe ka Bhejane omhlophe ngezinye izikhathi bumbozwa ngu Bhejane ompisholo ngobakhe ubulongwe. Ubukhulu be nsimu yenkunzi ka Bhejane, iya ngokuthi kungakanani ukudla namanzi kuleyondawo afuna ukuhlala khona. Inkunzi ese ncane iyabulawa yinkunzi endala mengabe ingena kwinsimu yayo, ngalesikhathi isasencane inkunzi ka Bhejane kumele ihlale nomama wayo. Inkuzi ithanda ukudlala yodwa. Iye ihlale ne mazi mangabe ikwi oestrus.

Zitholakala kuphi

Lezi ezase Afrika zazingu 65 000 ngonyaka ka 1970, ukugcina kokubalwa kwazo ngonyaka ka 1995 zazizinkulungwane ezingu 2 400. O-Bhejane abaningi abampisholo batholaka emIningizumi Afrika, Namibia, Kenya nase Zimbabwe. Ubomi balezilwane buse bungozini. Lokhu kwenziwa ukuthi ukuzama ukuzilondoloza akusebenzi yingakho ke lonke uhlobo luka Bhejane lu bhangqwa nalolu luka Bhejane ompisholo. O D.b bicornis, yena utholakala e (southwestern) Mzansi Afrika. O D.b michaeli, bona batholakala e Addo Elephant National Park, khona la emingizumu Afrika.

Amanothi asenkambini

O-Bhejane base Afrika basebungozini obukhulu, ngoba amaphondo abo abiza imali eningini. Okubangela lokhu, ukuthi abantu abaningi bakwilizwe lase Mpumalanga (East) bacabanga ukuthi uphondo luka Bhejane, lusiza ekutheni umlisa ahlale isikhathi eside engachithi embhedeni.