African Fish Eagle
Inkwazi

© Shem Compion
African Fish Eagle.

Igama

Inkwazi (Haliaeetus vocifer)

Ukubukeka kwayo

Inkwazi iwukhozi olukhulu ngempela. Inezimpaphe ezehlukile; ezimnyama, ezinsundu nezimhlophe.

Ukudla kwenkwazi

Noma igama layo lizisho ukuthi idla izinhlanzi, kwezinye izindawo idla omakholwase nezinye izinyoni zamanzi. Iyaziwa ukuthi idla ingcuba iphinde ibe yisela (elidla okwezinye izinyoni). Onozalizingwenya baziwa ngokulahlekelwa ingxenye enkulu yokudla kwabo ngenxa yezinkwazi. Ukudla kwazo okwejeayelekile yinhlanzi; efile noma eziyicaphuna iphila emanzini. Imbambela nombokwane omadevu zibanjwa njalo. Izinhlanzi ezinkulu zidlelwa enhlabathini eduze namanzi.

Isimilo sayo

Inkwazi inemisindo emibili ehlukile. Lapho indiza noma iqhwakele, umsindo wayo unjengowoKhozi olunempandla LwaseMelika. Uma iseduze nesidleke ukukhala kwayo kuthi “khu, khu”. Okwesikhukhukazi ukukhala kuyatswininiza, akundondi njengokweqhude. Ukukhala kwale nyoni kudumile futhi kugqamile kangangokuthi kwaziwa ‘njengephimbo le-Afrika.’ Izinkwazi zivame ukubonakala zihamba ngambili ngesikhathi sokuzalela nalapho sesidlulile futhi. Zidla ndawonye ukudla okubanjwe ngomunye wazo. Zichitha isikhathi sazo esiningi ziqhwakele kunokundiza, kuvame ukuthi zibe sezizingele zabamba ngele-10 ekuseni.

Indawo

Inkwazi ivame ukubonwa ihleli phezulu esihlahleni eside lapho ibona khona ubude bomfula, usebe lwechibi noma ugu. Eduze nechibi noma umfula yilapho ithola khona ukudla okwanele. Ekubeni seduze nomfula omncane, idinga umdweshu wendawo ongaba ngamamayela ayi-15. Ezinye zithanda ukuthuthathutha ukuze zigweme isimo sezulu esinemvula kanti ezinye zihlala lapho zikhona unyaka wonke.

Zande kuphi

Zithe chithi saka ezansi ne-Afrika. Zivamile futhi phakathi nasemaceleni amachibi eRift Valley.