Wild Ginger

© Ton Rulkens

Igama elijwayelekile

I-Wild Ginger noma i-Natal Ginger

Igama lesayensi

Siphonochilus aethiopicus

Incazelo

Iphunga lezimpande zesiganga zasendle aligcini nje ngokufana ne-ginger kodwa futhi linambitheka okwe-Ginger. I-Wild Ginger iyingxenye yomndeni weGinger futhi inamaqabunga, akhula ngesikhathi noma ngemva kokuqhakaza. Inezimbali ezinhle, eziwu-60mm kuya ku-80mm ububanzi, zinombala okhanyayo ophinki nempova. Nakuba lezi zimbali ezisabalalayo zigcina zibunile, lesi sitshalo singaqhakaza izimbali eziwu-25 kusukela ngo-Okthoba kuya kuNovemba. Izimpande sisetshenziselwa kakhulu imishanguzo exosha umkhuhlane.

Zitholakala kuphi

Le mbali ikhula ezindaweni ezinamatshe ehlathini. Le mbali ikhula ezindaweni ezinamatshe ezindaweni zaseNingizimu Afrika, kodwa kucatshangwa ukuthi iya iphela kwezinye izindawo.

Imininingwane ebalulekile

I-Wild Ginger isetshenziswa kakhulu emakhambini omdabu, nasekwenzeni imisebenzini, kanti ngenxa yalokhu ikhiwa kakhulu, okwenze yacishe yashabalala. Kucatshangwa ukuthi isiyashabalala ehlane laKwaZulu-Natal. Baningi abantu asebeyitshala ukuze ingashabalali
Lesi sitshalo sisetshenziswa ngaMaZulu ukuvika ukushaywa yizulu nanjengesihlungu sezinyoka. Siyaququdwa ukwelapha isifo sofuba, ukuhayiza, umkhuhlane nokukhwehlela. I-Wild Ginger isetshenziswa ngabantu besifazane baMaSwazi uma besesikhathini, kanti aMaSwazi ayisebenzisela ukwelapha umalaleveva.