Vervet Monkey
Inkawu

© Nigel Dennis

Igama

Inkawu [Chlorocebus pygerythrus]

Ibonakala Kanjani

Ezesilisa zinesisindo esiwu-6kg nobude obuwu-1.1m, ezesifazane zincanyana ngomzimba nesisindo esiwu-4kg. Zinoboya obumpunga obuthanda ukuba yisiliva nobuso obumnyama.
Kunomugqa omhlophe emashiyeni, nezinyawo nomsila. Eyesilisa iba nezindawo zangasese ezikhombisayo ukuthi isilungele ukukhwela noma cha njengempahla yasebukhweni ebomvu namankwahla aluhlaza okwesibhakabhaka.

Zidla Nhloboni Yokudla

Idla izithelo, izimbali, amaqabunga nezinambuzane. Zikwazi ukuhlukanisa imibala, okwenza ikwazi ukuhlukanisa isithelo esiluhlaza kwezivuthiwe.

Zizalana Kanjani

Zizala ngezinkathi ezibekiwe zonyaka. Zizala phakathi kukaNdasa noNhlaba emva kokumitha izinsuku eziwu-140. Isikhathi sokuthi zizale sihlukaniswa yizinkathi zonyaka nokuthi ukudla kuyinala nini.

Indlela Eziphila Ngayo

Izinkawu zithanda ukuhlala ngemihlambi ebuswa eyesilisa. Ezesifazane aziyishiyi le mihlambi kepha ezesilisa ziyahamba uma sezikhulile. Zaziwa kakhulu ngokuthi zingabanikazi bamahlathi.

Indawo Eziphila Kuyona

Zitholakala emahlathini amakhulu ezihlahleni eziphakeme nalapho zikwazi ukuthola amanzi khona ngobuningi. Zaziwa ngokuthanda izindawo ezinamahlathi.

Zitholakala Kuphi

Zihlukene kabili lezi zinhlobo zezinkawu eNingizimu Afrika, kukhona ama-Vervet nama-Samango. Zombili zidla izithelo futhi zihlala ezihlahleni.
Le nkawu iyatholakala kulo lonke elaseNingizimu Afrika, ikakhulukazi ezindaweni ezingamahlathi. Ukwanda kwamahlathi kwenza ukuthi zande lezi zinkawu ngendlela emangalisayo.