Ukuthwalwa Kwezinkukhu

© Andile Bahla

Ukuze ugweme ukulimala nokufa, izinkukhu kumele zikhululeke zingabi nokuncindezeleka uma zihanjiswa. Inhlanganiso yabafuyi bezinkukhu eNingizimu Afrika ( I-South African Poultry Association) inezeluleko ezilandelayo ukuze uhambo lungabi nezinkinga:

Abashayeli

Umshayeli akufanele nje athande izilwane kuphela, kodwa futhi azijwayele futhi azi ukuthi angabhekana kanjani nezinkinga zenhlalakahle yezilwane ezingase zivele ngesikhathi sokuhamba. Ukuphepha nenhlalakahle yezinyoni kufanele kucatshangelwe kulo lonke uhambo futhi imoto kufanele iphathwe ngendlela evimbela ukuwa kweziqukathi.

Ubude Bohambo Nokuma Endleleni

Wonke amaphepha kufanele agcwaliswe ngaphambi kokubamba nokulayisha,ukuze imoto ithole imvume yokushiya izakhiwo ngokushesha ngemuva kokulayisha. Uhambo alufanele ludlule amahora amashumi amabili namane(24hrs) kanti ukuma kufanele kwenziwe kuphela uma kudingekile.
Uma umisa phakathi kwesimo sezulu esishisayo, imoto kufanele ikwazi ukugcina amazinga okushisa aphansi endaweni lapho izinkukhu zikhona

Ukuzila Ukudla

Izinyoni akufanele zilambele ukudla noma zinganikezwa amanzi ngaphambi kokuhamba futhi, ngesikhathi sokuhamba, akufanele zibe ngaphandle kokudla noma amanzi amahora angaphezu kwamashumi amabili nane kulinganiswa kusukela ngesikhathi sokudla noma ukuphuza kokugcina.

Izimo Zomoya

Izinyathelo kufanele zithathwe ukuze zivikele izinyoni ezibhekene nezimo zezulu ezimbi, ikakhulukazi emabangeni amade. Ngesikhathi sesimo sezulu esishisayo kufanele zilayishwe futhi zihanjiswe ekuseni, ntambama noma ebusuku lapho okunomoya opholile.

Ukuphatha Izinyoni

Izinyoni ezindala kufanele zibanjwe ngakunye, ziphathwe yizinyawo zombili futhi umzimba usekelwa ngokugcwele. Akufanelwe kuphathwe izinkukhu zokukhiqhiza amaqanda noma ezenzalo okungaphezu kwezintathu ngenani futhi akufanele kube khona izinkukhu ezikhiqizelwa ukudla (amabroiler) ngaphezu kwezine ngenani ezingathathwa ngesandla ngasinye ngomuntu, ngamunye ngesikhathi.
Iziqukathi kufanele zihanjiswe kahle, zingatshekisiwe ngaphezu kwamazinga angamashumi amabili kunoma isiphi isigaba sokulayisha futhi ungalokothi uwise.Izinsizakusebenzisa zokukubopha kufanele zisetshenziswe ukuvimbela izitsha ekugwedleni.
Iziqukathi, izihulugu, amabhasikithi noma izivalela zocingo ezenzelwe leyo njongo kufanele zihlanzeke futhi zenzelwe ukuphatha nokuthuthwa kwezinyoni. Indlela okugcinwa kuyo lezi ziqukathi akufanele ivimbele umoya ukunyakaza ngaphakathi nangaphandle kweziqukathi. Izinyoni akufanele zikwazi ukunamathela amakhanda, amaphiko noma imilenze ngaphandle kweziqukathi.

Izinyoni

Izinkukhu kuphela ezinempilo futhi ezinamandla kufanele zihanjiswe. Izimo ezishisayo, ubude bohambo nokuklanywa kwesitsha kumele kucatshangelwe uma kunqunywa isisindomthamo sezinyoni. Ngokuvamile, inkukhu ngayinye ephilayo kufanele ibe nokufinyelela okungenani eyi 20 cm². Ngokwezigaba, ukufakwa kwesitokisi kufanele kube ngaphansi kwezingu-55 kg ubukhulu bomzimba ngomitha wesikwele, kuyilapho kufanele kube ngaphansi kwamakhilogramu angamashumi ayisyikhombisa (70 kg) ngemitha yesikwele uma izinkhukhu ezikiqhizelwa inyama zithuthwa.

Izinyoni Eziphilayo

Irekhoda lezinkukhu ezithengisiwe kumele igcinwe,lokho okufakwa kuyo- imininingwane yokuxhumana yabathengi kanye nenani lezinyoni ezithengiswa nesimo sabo sezempilo. Ngenxa yezizathu zokungcola, abathengi akufanele bavunyelwe ezakhiweni zokukhiqiza futhi bahlale ngokuthengisa izinyoni kufanele bavele endaweni yokuthengisa ezinikele ngaphandle kwendawo evikelekile.

Isimemezelo

Ukuqinisekiswa Kwememezelo njengesiqiniseko sekhodi yokuziphatha kufanele kunikezwe ngokulandelayo:
  • Uma ngabe izinyoni zazingekho izibonakaliso zezifo nokuthi akukho ukufa okungavamile okushiwo emhlambini ezinsukwini ezingamashumi amathathu ezedlule.
  • Ukuthi izinyoni ziye zahlolelwa i-Salmonellae futhi zihambisana nezidingo zeSolonellae Movement Protocols.
  • Izinyoni ziye zahlolelwa umkhuhlane we-avian owaziwayo ngokuvumelana ne-HPNAI Contingency Plan futhi zihambisana nezidingo ezikulo mbhalo
  • Izinyoni ziye zahlolelwa izifo ze-Newcastle ngokusho kwa "Movement Control Protocol uma kwenzeka isifo se-Newcastle" futhi ihambisana nezidingo kuleso sbandela
  • Izinyoni zenziwe ngokuhambisana nekhodi yokuziphatha yeSAPA yokuthengisa izinyoni eziphilayo

Translated by Nsika Khoza