Ukulawulwa Kwesimo Sezulu uma ufuya izinkukhu

© Glenneis Kriel

Ukupholisa Nokuswakama

Ngaphezu kokugcina izinkukhu emazingeni okushisa afanelekayo, amazinga okupholisa kanye nomswakama ezindlini kufanele alawulwe.

Ukungeniswa Komoya Endlinni

©Glenneis Kriel
Ngokusho kwe-Ross's Broiler Handbook, ukupholisa umoya kuyindlela eyinhloko yokulawula imvelo yezinyoni: Kuyasiza ukugcina ikhwalithi yomoya evumelekile ngenkathi isusa umswakama, ukunciphisa ukwakheka kwezinto ezingase zibe yingozi kanye nokugcina izinyoni ngaphakathi kwamazinga ashisayo.
Phakathi nezinyathelo zakuqala zokuphila kwezinyoni, kunikeza ukushisa ukuze zigcinwe zifudumele futhi zikhululekile, futhi inikeza umoya owanele wokugcina ikhwalithi yomoya evumelekile endlini.
Njengoba izinyoni zikhula futhi ziqala ukhiqiza ukushisa okukhulu, izinga eliphakeme lokuphuza umoya liyadingeka ukuze kususwe ukushisa nemikhiqizo yokuphefumula endlini. Kunezinhlobo ezimbili zokuphuza umoya, kusho uRoss.

Ukupholisa Kwemvelo

©Glenneis Kriel
Ukupholisa kwemvelo ngukuthi uma unendlu evulekile, ngamakhethini, noma umnyango emagcekeni odonga.
Lawa maketeni avulwa noma avaliwe ukuze asebenze ukugeleza komoya ngaphakathi naphandle kwendlu.
umshini wokuphephetha ungase usetshenziselwe ukusabalalisa ngokulinganayo umoya ngaphakathi endlini. Abanye abakhiqizi basebenzisa
okokufudumalisa ukuphakamisa amazinga okushisa noma into yokufafaza amanzi ukwehlisa ukushisa. Kunzima ukuxhaphaza izimo zezulu endlini usebenzisa lolu hlelo, ngoba indlu ivulelwe amazinga okushisa angaphandle. Ngokusho kukaRoss, umoya wokupholisa owemvelo usebenza kahle uma amazinga okushisa angaphandle asondelene nokushisa okudingekayo ngaphakathi endlini.

Ukupholisa Komoya Endaweni Evalelwe

Lezi zinhlelo zokupholisa umoya zisebenza ezindlini enezindonga eziqinile noma amakhethini agcinwe avaliwe ngesikhathi sokusebenza.
umshini wokuphephetha nezikhala zomoya kusetshenziselwa ukuvuselela indlu.Kuyabiza kakhulu kepha kuvumela abakhiqizi ukuthi bakwazi ukulawula ngaphezulu kwezimo zezulu ezindlini.

Umswakama Ohlobene

©Glenneis Kriel
Umswakama ohlobeneyo ubhekisela amanzi emoyeni. Lapho kusetshenziselwa imshini yokuphephetha ngokuvamile kubangela amazinga omswakama ukuwa, okwenza kube nemiphumela kubantu ababhekene nezikhumba ezomile.
Ezingeni lomswakama yenkukhu engaphansi kuka-30% kuzomisa izinhlelo zabo zokuphefumula futhi zenze izinyoni zibe nezifo zokuphefumula. Izinyoni nazo zizokhungatheka futhi zihlasele, ngokusho kukaHyline. Amazinga aphezulu omswakama, ngakolunye uhlangothi, adala izindawo ezihle zokuzalanisa zonke izinhlobo zezikhunta. Umswakama endlini yenkukhu kufanele uhlabe phakathi kuka-40% no-60% uma izinkukhu zizincane. Izinyoni zengeza amazinga omswakama ngokuphefumula kwazo. Ngakho yini engenziwa ukunciphisa amazinga omswakama?

Izindawo Zaphansi Ezindlini Zingafafazwa Ngamanzi

izinto zokufafaza amanzi(Ama-foggers noma ama-sprinklers) zingasetshenziswa ukwengeza umswakama emoyeni.

Translated by Nsika Khoza