Ukulawula Ingcindezi Ezinkukhukhwini

© Chris Daly
Izinkukhu zingabukeka ngathi ziyizilwane ezihlezi zizijabulele, kodwa ziningi izinto ezingaba umthelela ekutheni zibe nengcindezi engaholela kwingcuphe yokuthola izifo.

Ukudla kanye naManzi

Ukudla kwazo kungabangela ingcindezi uma kungenele, zingakhoni ukufinyelela kukho, kunombangiswano omkhulu wokudla, umgqakazo uma ugayeke kakhulu noma ugqumuzela kakhulu noma ukudla kwazo kugcwele usawoti omningi. Noma ikuphi kwalokhu okubalulwe kungaba nomthelela ongemuhle kwindlela izilwane ezingadla ngayo, lokhu kungaholela ekutheni izinyoni zingabi namandla okuliswana nezifo. Ukudla osekukudala nokumanzi kwaze kwanokubola nakho kungaba uphoyizeni ongabangela ukugula ezinkukhwini.

Okufanayo nakho kuyenzeka uma izinkukhu ziswele amanzi anele, noma amanzi eshisa kakhulu noma engekho esimweni esikahle sokuba aphuzwe. Ngokwabenhlangano yezokufuya izinkukhu eNingizimu Afrika, ukuswela amanzi emzimbeni akubangi nje kuphela ingcindezi kodwa kuphinde komise nomphimbo wokuphefumula wezinkukhu, bese kwenza kubelula ukungenwa amagciwane abanga izifo. Amanzi angcolile nawo ayingozi njengoba nawo engathwala amagciwane amaningi abanga izifo kanye namanye amabacteria angenza isilwanezifo somzimba sibe buthakathaka.

Umthelela Wesimo Sendawo

©Chris Daly

Ukukhanyisa uma izinkukhu zingenayo indawo eyanele emunyama ezingathola kuyo ukupuma zingaba nengcidezi. Ngokwabenhlangano Yezizwe Yezempilo, izinkukhu kumele zinikezwe isikhathi esanele ukukwazi ukujwayezwa lokho ezisuke zikhohliswa ngakho kokucinywa kwezibani ukwenza ubumnyama nokukhanyiswa kwezibani ngokwezigaba ezihlukene zokulungiswa komkhiqizo. Ukukhanya kumele kusabalale yonke indawo kungabi khona izindawo ezimnyama ukuze izinkukhu zingagijimeli zonke kulezindawo ezikhanya kakhulu.

Izimo zezulu nezinga lomoya zingabanga inselelo. Kungaba ukuhlakanipha ukukhetha umhlambi onofuzo ozokwazi ukumelana nezimo zezulu ezishisayo njemihlambi engandile noma lena engananzimpaphe entanyeni, uma izinkukhu zikhiqizwa ezindaweni ezingavamile ukufudumala kumele zinakekelwe ngokweqile ukuqinisekisa ukuthu izinkukhu zinawo ngokwanele umpheme wokuvikela ukushisa kanye namanzi ukuze kuvikelwe ukushisa kungabi nomthelela ongemuhle kwindlela ezidla ngayo. Ingcindezi yokubanda inomthelela ongemuhle empilweni yezinkukhu ngoba yenza izinkukhu zidinge ukusebenzisa umfutho omningi ukuze zihlale zifudumele.

Indlela elula yokubona ukuthi kungabe izinkukhu zizizwela ingcindezi yokushisa noma yokubanda ukuthi ubuke Indlela eziziphatha ngayo: Izinkukhu ezizwela ukugodola ziyaye zisondelane ukuze zizofudumezana. Ziyaye ziphinde zidle kakhulu ukuze zizoba nomfutho lona ozilahlekele ngesikhathi zizama ukufudumala. Izinkukhu ezinengcindezi yokushisa okukhulu ezikuzwayo zivamise ukuhefuzela zibenobunzima bokuphefumula.

Ziyaye ziphakamise amaphiko azo bese zisuka kwezinye izinkukhu ukuze zizozigcina zifudumele futhi zivele zibonise ukukhathala nokungabi namdlandla. Ingcindezi yokushiselwa okukhulu kungaholela ekutheni zikhishwe isisu, zidlikize noma ziqhushe. Uma kukhiqizelwa ezindlini zokufuya izinkukhu, kungasetshenziswa isifusamazinga ukukhuphula nokwehlisa amazinga kanye nomswakamo.

Kumele kuqikelelwe kakhulu ukuthi akukhushulwa ngale kwamazinga afanele futhi akwehliswa phansi kakhulu amazinga nawo afanele. Icebo ukuthi kufanele uvulele umoya indawo eyanele ukuze kuzokwazi ukungena umswakamo owanele nokuthi umoya ungangeni ngamandla.

Ukwahluleka ukomisa ubumanzi kwimibhede yazo izinkukhu kungenyusa amazinga e ammonia bese kuqhambuka izifo eziningi zokuphefumula. Uma futhi isimo endlini yezinkukhu sesome kakhulu, kunamathuba amaningi okuthi izinkukhu zingahlukunyezwa izintuli.

Ukuvuleleka iZifo Nakumagciwane abanga Izifo

Ukuthuthwa kwemfucuza okungekho ezingeni elifanele kanye nokuhluleka ukulawula izinambuzane nakho kuyayibanga ingcindezi ngoba kubeka izinkukhu ekutheni zivuleleke kwizinkukhu zeqele, amagundane amakhulu namancane nezinambuzane. Lezizilwane azizihluphi nje kuphela izinkukhu kodwa ziphinde zibeke nezimpilo zazo engcupheni yokungenwa izifo. Izinkukhu nazo zingaphinde zingenwe ingcindezi ngenxa yokugula lokhuke okwaziwa ngokuthi i pathological stress ukwehlisa izinga lalengcindezi nokuvikela imiphumela engamihle izinkukhu kumele zelashwe ngokuphuthuma.

Indawo Ekhethekile Yenkukhu Ngayojwana Nokuyilawula

©Chris Daly
Indawo ekhethekile ingaba inkinga uma izinkukhu seziminyene endaweni eyodwa okungaholela ekutheni zibangisane zincindelane ukudla kwazo namanzi bese ziba nesankahlo kwezinye. Izinkukhu zingaphinde zizizwele ingcindezi uma zibanjwa, ziphathwa noma Indlela eziphiliswa ngayo. Abakhiqizike kumele baqinisekise ukuthi bayazihlelela ukuthi izinkukhu bazoziphatha kanjani ukuze bezovikela ukuthi zingabi nayo ingcindezi uma kungenzeka.

Izinkomba Zengcindezi

Lokhu okulandelayo izinkomba zokuthi kungenzeka ukuthi izinkukhu zinengcindezi:

Isankahlo nokulwa
Ukudoncula izimpaphe nokuwohloka
Ukushintsha kwendela ezidla ngayo, zidle kakhulu noma kanance kunokujwayelekile
Ukuyengezela zibonise ukukhathala
Ukwehla kwesisindo somzimba
Ukwehla kwenzinga lokukhiqiza amaqanda
Izifo ezinhlobonhlobo

Translated by Nokubonga Guliwe